NAKUBA kunabathize asebeqala ukungabaza ubukhali bukaKhama Billiat weKaizer Chiefs, phambi kwamapali kodwa uRamahlwe Mphahlele oyisitobha saMaZulu, umbona esengumgadli wezinga eliphezulu kwiDStv Premiership.
NgoLwesithathu emdlalweni weligi lapho iKaizer Chiefs idlale ngokubambana ngo 2-2 neTS Galaxy, kuzwakale ezinye izihlwele zeziMpofana zimuhhahhameza lo mgadli.
Lona bekuwumdlalo wakhe wesibili selokhu ebuyile ngemva kokulimala. Usegijime emidlalweni eyisishiyagalombili isiyonke kule sizini kanti ubengakalitholi igoli.
URamahlwe odlale iminyaka emine noBilliat kwiChiefs, uchaze lo mgadli njengomunye wabasezingeni eliphezulu.
"Ngesingami, ngaphandle kokunanaza, uBilliat usewumdlali wezinga eliphezulu kwiPSL. Ungangitshengisa ofana naye? Okubi nje ukuthi uma kuke kwaphela imidlalo emine kuya kwemihlanu umgadli engalishayi igoli, abantu baqala bajikijele amazwi alumelayo kuye. Ngiyaphinda usewumdlali wezinga eliphezulu," kubeka uMphahlele.
UMphahlele ukhuluma kanjena nje kuzomele yena nozakwabo basebenze kanzima ngeSonto ngo-3.30 ntambama, ukuvala uBilliat uma Amazulu esebhekene neChiefs, emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu eMoses Mabhida Stadium.
UBilliat ufike eNaturena ngesizini ka-2018/2019 ephuma kwiMamelodi Sundowns ayevutha kuyo. Ukushisa kukaBilliat kwenza ngo-2015/16 wahlonishwa ngomklomelo wePSL Footballer nowePlayer's Player of the Season.
Nguyena owayesekhaleleni ngenkathi iSundowns inqoba iChampions League. Wayishiya eyishayele amagoli awu-47 emidlalweni ewu-147.
Ngesikhathi efika eNaturena ngo-2018/19, akufananga ngoba ushaye amagoli awu-11 emidlalweni ewu-38 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
Kweka-2019/2020 yilapho ziqale khona ukubhimba izinto eshaya amathathu kuphela kwengu-25. Kweka-2020/21 uvalele enethini amabili emidlalweni engu-22, kwathi kwedlule washaya ayisishiyagalombili emidlalweni ewu-29.
Nokho selokhu uBilliat efike kuChiefs nokulimala akuzibekile phansi, okungenzeka ukuthi kunomthelela ekuphazamisekeni komgqigqo wakhe.