UMGADLI osemncane, uBoitumelo "Radioman" Radiopane, unethemba lokuthi uzobuyela kwi-Orlando Pirates esengumgadli osezingeni eliphezulu.
URadiopane ubolekiswe yiPirates kwiCape Town Spurs edlala kwiMotsepe Foundation Championship ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023. Bekunethemba lokuthi uzonyuselwa esikimini esikhulu seZimnyama emuva kokuqeda isizini edlule ehamba phambili ngamagoli nokuqokwa njengomdlali ovelele kwiDStv Diski Challenge. Nokho ugcine eshovelwa kwiChampionship ukuze ezothola isipiliyoni kumqeqeshi uShaun Bartlett. KwiSpurs uRadiopane usephenduke esinye sezethenjwa njengoba leli qembu lisembangweni wesicoco seligi. Emidlalweni engu-11, useshaye amagoli amathathu.
"Ngijabule ngokubolekiswa. IPirates iyona efune ukungibolekisa ukuze ngikhule. Ngizobuyela kuyona sengiwumdlali ongcono kakhulu kunalona engihambe ngiwuyena. Ngibheke ukubuyela kwiPirates ekupheleni kwesizini ngiyoshaya amagoli uma benginika ithuba," kusho uRadiopane.
ISpurs isendaweni yesithathu kwi-log yeChampionship ngamaphuzu angu-40 emidlalweni engu-20. Ibambene nePolokwane City esendaweni yesibili. Eqhulwini sekubuyele iCasric Stars esiqoqe angu-41 emidlalweni engu-20.
Imidlalo engu-10 yokugcina iyona ezocacisa iqembu elizonyukela kwiPremiership amabili azodlala eyokuhlunga.
"Ngijabule kakhulu lapha. IKapa selifana nekhaya lami. Ngiyadlala lapha okuyinto ebengivele ngiyifuna. Ngizosebenza kanzima ukusiza iqembu linyukele kwiPremiership," kusho uRadiopane.
ISpurs ishaya ngesikimu esixube abadlali abasebancane nomakadebona bePremiership okunguMichael Morton, Clayton Daniels, Nazeer Allie owawina iligi yePremiership neBidvest Wits kumqeqeshi uGavin Hunt. Yibona laba badlali okulindeleke ukuthi bayithwale uma isivakashela iBaroka emdlalweni weligi eGlobal Stadium, eLimpopo kusasa ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship
Kusasa ngo-3.30pm
TTM v Uthongathi (Siesa Ramabodu Stadium)
Hungry Lions v All Stars (Windhoek Draught Park)
MM Platinum v University of Pretoria (Tsakane Stadium)
Platinum City Rovers v JDR Stars (Olden Park)
Pretoria Callies v Black Leopards (Lucas Moripe Stadium)
Magesi v Polokwane City (Old Peter Mokaba Stadium)
Venda Football Academy v Casric Stars (Thohoyandou Stadium)
Baroka v Cape Town Spurs (Global Stadium)
ZAKHELE XABA
UMGADLI osemncane, uBoitumelo "Radioman" Radiopane, unethemba lokuthi uzobuyela kwi-Orlando Pirates esengumgadli osezingeni eliphezulu.
URadiopane ubolekiswe yiPirates kwiCape Town Spurs edlala kwiMotsepe Foundation Championship ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023. Bekunethemba lokuthi uzonyuselwa esikimini esikhulu seZimnyama emuva kokuqeda isizini edlule ehamba phambili ngamagoli nokuqokwa njengomdlali ovelele kwiDStv Diski Challenge.
Nokho ugcine eshovelwa kwiChampionship ukuze ezothola isipiliyoni ngaphansi komqeqeshi uShaun Bartlett. KwiSpurs uRadiopane usephenduke esinye sezethenjwa njengoba leli qembu lisembangweni wesicoco seligi. Emidlalweni engu-11, useshaye amagoli amathathu.
"Ngijabule ngokubolekiswa. IPirates iyona efune ukungibolekisa ukuze ngizokhula. Ngizobuyela kuyona sengiwumdlali ongcono kakhulu kunalona engihambe ngiwuyena. Ngibheke ukubuyela kwiPirates ekupheleni kwesizini ngiyoshaya amagoli uma benginika ithuba," kusho uRadiopane.
ISpurs isendaweni yesithathu kwi-log yeChampionship ngamaphuzu angu-40 emidlalweni engu-20. Ibambene nePolokwane City esendaweni yesibili. Eqhulwini sekubuyele iCasric Stars esiqoqe angu-41 emidlalweni engu-20.
Imidlalo engu-10 yokugcina iyona ezocacisa iqembu elizonyukela kwiPremiership amabili azodlala eyokuhlunga.
"Ngijabule kakhulu lapha. IKapa isifana nekhaya lami. Ngiyadlala lapha okuyinto ebengivele ngiyifuna. Ngizosebenza kanzima ukusiza iqembu linyukele kwiPremiership," kusho uRadiopane.
ISpurs ishaya ngesikimu esixube abadlali abasebancane nomakadebona bePremiership okunguMichael Morton, Clayton Daniels, Nazeer Allie owawina iligi yePremiership neBidvest Wits ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt. Yibona laba badlali okulindeleke ukuthi bayithwale uma isivakashela iBaroka emdlalweni weligi eGlobal Stadium, eLimpopo kusasa ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Kusasa ngo-3.30pm: TTM v Uthongathi (Siesa Ramabodu Stadium); Hungry Lions v All Stars (Windhoek Draught Park); MM Platinum v University of Pretoria (Tsakane Stadium); Platinum City Rovers v JDR Stars (Olden Park); Pretoria Callies v Black Leopards (Lucas Moripe Stadium); Magesi v Polokwane City (Old Peter Mokaba Stadium);Venda Football Academy v Casric Stars (Thohoyandou Stadium); Baroka v Cape Town Spurs (Global Stadium).