INKAKHA kwezikanobhutshuzwayo uMlungisi ‘Professor’ Ngubane, ikholwa wukuthi iRichards Bay isitholile isixazululo sezinkinga zayo.
UNgubane uphawule kanje ngempelasonto ngesikhathi esemcimbini lapho kuhlokome Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), ngesikhathi ehlonishwa ngendondo.
Leli qhawe elazakhela igama kwiDurban Bush Bucs lihlonishwe ngempelasonto ngungqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, KwaZulu-Natal, uNtuthuko Mahlaba, ngenkomishi yeMEC Special Award, emcimbini wezindondo iKZN Sprts Awards.
Mhlawumbe abantu abasha abangawazi amagalelo kalo makadebona owayedume ngebhola elidle ngomjiko ngesikhathi esadlalela amaqembu okubalwa kuwona, naMaZulu.
UNgubane uqeqeshe amaqembu aseNamibia, naseSwatini. Ungomunye wabanconywa ngokuvulela abaqeqeshi bakuleli indlela yokuyosebenzela amaqembu angaphandle.
UProfessor utshele Isolezwe ukuthi ngaphambi kokuthamela umcimbi wamaKZN Sports Awards, uqale wabuka imidlalo yama-quarterfinal yeCarling BlackLabel Knockout, lapho i-Orlando Pirates ibibhekene neRichards Bay, kwathi aMaZulu atholana neLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Stadium.
IBay ebingathenjiwe, inqobe sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambane ngo 0-0. Kowesibili AmaZulu ayibhaxabule ngo-3-0 iGolden Arrows.
Kwenzeka lokhu nje, kaziyihambeli kahle izinto iBay kwiDStv Premiership. Emidlalweni ewu-10 ilele endaweni yesibili uma kusukwa emsileni ngamaphuzu ayisithupha. Isanqobe umdlalo owodwa, yadlala ngokulingana kwemithathu yase iyadliwa kweyisithupha.
Kubukeka liqhubeka ishobolo langesizini edlule. Eka-2022/23 iyiqalale kahle ibalwa namaqembu abephezulu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ibhubhiswe wumpetshisi, kwasongwa ibalwa namaqembu abezingelwa yizembe.
Kepha, uNgubane ukholwa wukuthi iBay isazoqhubeka nokujabulisa abalandeli bayo.
"IBay isazodla abantu. Ibhola elidlalile litshengisile ukuthi isazodlisela ogageni amaqembu amaningi. Ngokubona kwami seyilijikile ikhona. Idinga ukulungisa izindawo ezimbalwa. Uma laba bafana bezoqhubeka kanje, bazobanjwa kude," kubeka uNgubane.
Ngaphambi kokufika kuma-quarterfinal eCarling, iBay ishaye iMoroka Swallows. Nokho kolandelile weDStv Premiership ihlulwe yiCape Town City ngo-3-1.
Ngokusho kukaNgubane, nasemdlalweni lapho iBay ihlulwe khona, uyisola ngokuthi yiyona ezibulele.
"Zincane ezidinga ukulungiswa kwiBay, ngifisa ukuthi abadlali bayo nomqeqeshi, uTembo (Kaitano), bayibambe kahle kakhulu. Abaqhubeke, izinto zizohlangana nakwiligi. KowePirates idlale kahle kakhulu," kusho uNgubane.
Namuhla iBay izodlala neStellenbosch ngo-7.30 ebusuku koweDStv Premiership, eDanie Craven Stadium.
Mayelana nokuklonyeliswa kwakhe, uNgubani uthe: "Ngibonga kakhulu ngokwenziwe kumina wuMnyango wezeMidlalo. Iningi labadlali esasiyibambe nabo eminyakeni edlule likhala ngokuthi alinakiwe, lihlonishwa uma selishonile. Ngethemba ukuthi uMnyango awuzugcina ngami, uzoqhubeka nokuhlonipha amaqhawe akithi esaphila. Ngenhlanhla mina eyesibili le ndondo ngihlonishwa. Ngiyazicelela, nabanye abafwethu nodade wethu ebesiyibambe nabo abahlonishwe besadla anhlavana.“