UBHEKENE nenselelo ehlukile umqeqeshi waseNingizimu Afrika, uPitso Mosimane, ojoyine i-Al Ahli Saudi FC yaseSaudi Arabia.
UMosimane, obekade engasebenzi kusukela ehlukane ne-Ahl Ahly yase-Egypt, umenyezelwe yiSaudi njengomqeqeshi wayo omusha ngeSonto ekuseni, ekhasini layo enkundleni yezokuxhumana i-instagram.
Ujoyina leli qembu eyikazela yizinkomishi aziwine kwamanye amaqembu. UMosimane ushiye iMamelodi Sundowns ngo-2020, eseyiwinele izindebe ezingu-11 eminyakeni eyisishiyagalombili. Kulezi zindebe kukhona iCaf Champions League yango-2016 nezeligi yeDStv Premiership ezine.
E-Egypt uwine iChampions League kabili neCaf Super Cup kabili. Ngaphezu kwalokho, wabuya nendondo yethusi kabili emqhudelwaneni iFifa Club World Cup. Emuva kwamahlebezi okuthi uMosimane uzovala isikhala sikaFaouzi Benzarti njengomqeqeshi weqembu lesizwe laseMorocco, uMosimane uqoke ukujoyina iqembu elidlala kuDivision 1, yaseSaudi Arabia eyaziwa ngeYelo League.
Kuleli qembu ubhekene nenselelo ehlukile, okungakhona ukusebenzela ukuwina izindebe kodwa eyokuqala nenkulu kunazo zonke eyokulibuyisela esigabeni esikhulu iSaudi Pro League.
I-Al Ahli Saudi igawulwe yizembe esigabeni esikhulu ngesizini edlule kulandela ukuqeda emsileni we-log. Bekungokokuqala idliwa yizembe eminyakeni engu-85 yasungulwa. Esigabeni esiphansi, iSaudi isendaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili emuva kwemidlalo eyisihlanu. Le ligi inamaqembu angu-18.
UMosimane kulindeleke ukuthi aphinde afudukele eSaudi Arabia nethimba lakhe elinoMusi Matlaba ongumhlaziyi noKabelo Kangoaga ojimisayo. Nakuba kungakaveli ukuthi uzohola malini ezweni lama-Arab uMosimane kodwa kunamahlebezi okuthi uzothola engaphezulu kukaR2.5 million (ngenyanga) abekade ewuthola kwi-Ahly e-Egypt.
Uthola ithuba lokuyoqeqesha eMiddle East nje, usanda kuthola izicucu zakhe zeCaf Pro Licence ezimvumela ukuqeqesha kunoma iyiphi iligi emhlabeni.