KUBIKWA ukuthi uPatrick Nyame, ongunozinti weRoyal AM, ulaliswe egunjini labagula kakhulu esibhedlela ngemuva kokushayisana noBradley Grobler, ongumgadli weSuperSport emdlalweni obungoLwesibili weDStv Premiership.
Emdlalweni obuseLucas Masterpiece Moripe Stadium, iSuperSport inqobe ngo-3-1 ngamagoli kaThamsanqa Gabuza, Grant Margeman nelikaGrobler.
Elokubika leThwihli Thwahla linanyathiselwe enethini nguMfundo "Mfanakagogo" Thikazi.
Uwuqede kabi umdlalo uNyame, ngenkathi equleka. Ungqutshuzwe ngedolo enhlafunweni nguGrobler, eshaya igoli lesithathu. Ukulimala kukanozinti akunakekanga ngoba bese kuyisikhathi sikanompempe.
Ngokusho komthombo, uquleke imizuzu ewu-10, wakhishwa ngohlaka enkundleni, waphaphama esezindlini zokushintsha. Kuthiwa ngenxa yobucayi besimo kuphoqelekile ukuthi esinye sezikhulu zeRoyal AM, simphuthumise esibhedlela esizimile ePitoli. Kuvela ukuthi ungeniswe egunjini labagula kakhulu.
"Kube wubutatata esibhedlela odokotela bexhuma uPatrick imishini ekhanda. Bekukubi kakhulu. Lesi simo sigcine sivimbela iqembu ukuthi libuyele eMgungundlovu, emuva komdlalo. Okuhle wukuthi useqala ukuba ngcono, sengathi usekhishiwe nasegunjini labagula kakhulu," kubeka umthombo.
Kuthintwa uSithembiso Hlongwane, wezokuxhumana kwiRoyal AM, ukuqinisekisile ukuthi uNyame uphuthunyisiwe esibhedlela.
"Nakuba ngingeke ngande kodwa okuhle ukuthi isimo sikaPatrick sesithanda ukuba ngozi makhaza. Namuhla (ngoLweisthathu) iqembu lizobuyela KwaZulu-Natal. Lizomshiya uNyame ngoba odokotela bathe basazomhlola izinsuku ezimbili. Balinde nemiphumela yokuhlolwa kwakhe ekhanda. Simfisela ukululama ngokushesha. Ungenye yezinsika zeqembu," kubeka uHlongwane.
Kungokwesibili unozinti elimala kanzima kule sizini. Ngesikhathi iqembu lishaya iChippa United ngo-3-1 ekuqaleni kuka-Agasti, washayeka phansi kanzima. Wabambeka onyaweni kwathiwa lunenkinga yokuhamba kwegazi.
Uma engalulami ngokushesha kubukeka kuzovimba uXolani Ngcobo emdlalweni wangeSonto ngo-4 ntambama ophakathi kweRoyal AM neZesco United yaseZambia. Ngowomlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup.
Mayelana nokudliwa yiSuperSport, uMenzi Masuku oyibamba esiswini seThwihli Thwahla uthe: "Bekungelona usuku lwethu. Ukukhonya kwethu nezinga lokuphaselana bekuphansi. Nokho izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni ikakhulu uma udlala neqembu elinjengeSuperSport. Nakuba singadlalanga kahle esiwombeni sokuqala kodwa kwesisibili sizamile ukubuya. Yingakho sithole negoli. Ngaphambi kwalo mdlalo besifuna ukuba semaqenjini aphezulu.
"Akusasizi ukukhala. Kumele sigxile emdlalweni olandelayo. Ngikholelwa ekutheni nabaqeqeshi babonile ukuthi konakele kuphi koweSuperSport.“
Emdlalweni weSuperSport, ebhentshini leRoyal AM bekuhleli u-Abram Nteo. Kubikwe ukuthi omunye wabaqeqeshi uKhabo Zondo ubesele eMgungundlovu nesikwati “ebesilungiselelwa ukubhekana neZeseco”.
UNteo kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuhlala ebhentshini nakoweZesco ngoba nguyena oneCaf A Licence, edingakalayo ebaqeqeshini abakwiConfederation Cup nakwiCaf Champions League.