ULANDELE iziyalo zikayise umdlali osemncane uLangelihle Phili, obenesilonda enhliziyweni ngokwehlukana naMaZulu engalindele ngenxa yokungavuselelwa kwenkontileka yakhe.
UPhili (18) waseTshelimnyama, KwaZulu-Natal, osethole ikhaya elisha eStellenbosch, ubeyibamba eqenjini loSuthu leDStv Diski Challenge. Uphenduke undabuzekwayo ngesikhathi eshaya into ecokeme emqhudelwaneni i-Engen Knockout Challenge yaKwaZulu-Natal maphakathi nonyaka, waqokwa njengeMidfielder of The Tournament, nePlayer of The Tournament.
Emuva kwalokho bekubhekwe ukuthi uzothola inkontileka esikimini esikhulu kodwa kwavela ukuthi usehlwithwe yiStellies. Ufike kwiStellies, wayodlala kokazwelonke we-Engen. Ukhale wemuka nemiklomelo okubalwa oweStriker of The Tournament, nowePlayer of The Tournament ngesikhathi iqembu liwina i-Engen.
Selokhu kuqale imidlalo yeDStv Disiki Challenge, uPhili ngomunye wabadlali athembele kubona umqeqeshi u-Evangelos Velios.
“Into eyenzeka wukuthi (kuMaZulu) bathatha isikhathi ukungisayinisa inkontileka. Ngokujwayelekile besidlala i-Engen sesizisayinile izinkontileka, sesazi ukuthi ngesizini elandelayo sikhona eqenjini. Ngakho bathathe isikhathi ukusinika izinkontileka, imenenja yami (Lance Davids) yafika naleli thuba. Nami ngibonile ukuthi mhlawumbe lizongilungela ngoba umndeni wami kade ufuna ngiphume eThekwini. Ngakho ngilithathile ithuba, ngahamba,” kusho uPhili obaziwa ngoMajola.
“Ngiphatheke kabi ngokwenzeka kuMaZulu kodwa ngikhulume nobaba ngayo yonke into. Ungitshelile ukuthi kufanele ngiqine ngokomqondo, kumele ngizifundise ukudlula kwezinye izinto. Ngakho yilokho engakwenza, ngalalela amazwi akhe, ngaqhubekela phambili njengoba sengilapha. Ngijabule lapha, angisacabangi kakhulu ngalokhu engidlule kukhona,” kusho uPhili.
KwiStellies, uPhili useqenjini elingesabi ukufaka abadlali abasebancane esikimini seleDStv Premiership. Nyakenye iqembu lenyuse abadlali abayisithupha abebedlala kweleDiski. Kulaba badlali kukhona uJayden Adams osebizelwe kwiBafana Bafana, no-Olwethu Makhanya osedayiswe phesheya kwezilwandle.
Umqeqeshi weqembu leDisiki leStellies, uVellios, uthe bathole igolide kuPhili.
“Ungumdlali okhethekile. Kukhona nje okumbalwa okufanele sikulungise kuyena. Ngicabanga ukuthi ukushintsha indawo kube yinto enhle kuyena. Sijabule ukuba naye lapha. Kukhona okufanele simlungise kukhona kodwa ithalente likhona. Ungumdlali okhethekile futhi ohlukile. Ngibona izinto ezinkulu kuyena. Ngiyambona edlala kwiPSL ngokushesha. Ngaphandle kokufaka ingcindezi kuyena, simtshelile ukuthi asilona iqembu elikuphuthumayo ukuvuthwa komdlali. Sikukale kahle lokhu ezikhathini ezidlule. Ngakho kufanele asethembe. Noma ngabe lokho kuthatha amasonto amathathu noma izinyanga ezintathu,” kusho uVellios. Imidlalo yeDiski kulo nyaka isongiwe ngempelasonto edlule. Iyoze ibuye ngoJanuwari.
Imiphumela yeDStv Diski Challenge yangempelasonto: Chippa United 4-0 Mamelodi Sundowns; Orlando Pirates 3-1 Cape Town Spurs; Stellenbosch 2-0 Polokwane City;Golden Arrows 1-0 TS Galaxy; Cape Town City 4-1 Moroka Swallows; Royal AM v 2-2 SuperSport United; Richards Bay 1-0 AmaZulu; Sekhukhune United 3-2 Kaizer Chiefs.