UMGADLI osegijima kwiTS Galaxy, uBernard Parker, wethemba ukuthi imisebenzi emihle ashiye eyenze kwiKaizer Chiefs izokwenza abalandeli baleli qembu bangamhhahhamezi kodwa bamemukele ngemfudumalo kusasa eFNB Stadium.
Umdlalo weGalaxy naMaKhosi uqala ngo-7.30 ebusuku kule nkundla ebisifana nekhaya lesibili kuParker njengoba eshiye kwiChiefs esehlale iminyaka ewu-11.
Uyishiye eyishayele amagoli awu-60 emidlalweni ewu-363. Ube ngomunye wabadlali abachithwe Amakhosi ekupheleni kwesizini edlule.
I-The Rockets iya kulo mdlalo sekuphele eyisikhombisa kulandelana yagcina ukuqoqa amaphuzu aphelele. Kulesi sibalo idlale ngokulingana kwemine, yashaywa kwemithathu.
Kwegcine ukuwudlala ekuqaleni kwale nyanga, ibambane ngo-0-0 neSwallows.
NeChiefs iya kulo mdlalo ixhuga njengoba ngempelasonto edlule ishaywe iChippa United ngo-2-1 koweligi.
Ngesikhathi uParker ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba ezobhekana neChiefs okukoqala selokhu ejoyine iGalaxy, uhlulekile wukuphumela obala.
"Okwamanje angazi ukuthi ngizizwa kanjani. Ngizozazi uma sengibeke unyawo lwami eFNB. Empeleni angazi ngithini. Ngethemba ukuthi ngosuku lomdlalo ngizozizwa kahle. Ukubhekana kwami neChiefs okokuqala kuhambisana nomunyu.
"Ngosuku lomdlalo ngithemba ukuthi abalandeli nabadlali bazongamukela kahle. Ngikusho lokhu ngoba kule minyaka ewu-11 ngidlala kwiChiefs ngenze umsebenzi omuhle. Kuzobe kufana nokubuyela ekhaya ukudlalela eFNB,“ kusho uParker ethimbeni labezindaba.
Uqhube wathi: "Ukunqoba imidlalo emibili kulandelana kungasibeka endaweni ehloniphekile kwi-log. Njengoba sonke siyibona iligi, uma unqobe emibili noma emithathu kulandelana, ugxuma uhlale ohlwini lwamaqembu aphezulu. Kungaba yinto enhle kakhulu uma singaya ekhefini leNdebe yoMhlaba siqoqe amaphuzu ayisithupha. Kumele siqale kuyo iChiefs.“
Selokhu uParker efikile kwiGalaxy usedlale emine yeligi.
Iqembu lakhe lilele kweyesi-11 ngamaphuzu ayisibalo esifanayo. Lisanqobe emibili kuphela.
IChiefs ikweyesine ngamaphuzu awu-16 emidlalweni ewu-11.
UNjabulo Blom odlala esiswini kuMakhosi, ekhuluma nethimba labezindaba leChiefs, uthe ukushaywa kwabo yiChippa kodlule kubaphoqa ukunqoba kumnyama kubomvu kwiGalaxy.
"KoweChippa sizibulele thina, siyinike amagoli alula. Yithi esiyiphe umdlalo. Wonke umuntu eqenjini akajabule neze, siyeke inqwaba yamathuba. Kuzomele sinqobe kwiGalaxy. Ngiyazi ukuthi eminyakeni edlule isithwalise kanzima. Nokho lokho sizokuqeda ngoLwesithathu. Ngiyazi futhi ukuthi abalandeli bethu abajabule ngomphumela odlule kodwa sibacela ukuthi bafike ukuzoseseka," kubeka uBlom osedlale eyeligi eyisishiyagalolunye nowodwa weMTN8.