UBABAZA uthando nokweswekwa akuthole kubantu bakuleli selokhu alimala uBernard Parker ogijimela iTS Galaxy kulandela ukulimala kanzima.
Maphakathi no-Okthoba kuvungame iningi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi lesi sikhwishikhwishi siphuka phehle iqakala bebhekene neMamelodi Sundowns koweLast 16 yeCarling Black Label Knockout.
UParker waphuma kade edlaliswe kabi uBongani Zungu weSundowns. Okwavungamisa iningi wukuthi uZungu wakhombisa ukungazisoli ngesenzo sakhe, ebonakala edemalayisa nangezandla, engayizwa eyokunikezwa kwakhe ikhadi elibomvu. Iningi elaliphawula lalithi lo mdlali oseliqedile ikusasa likaParker njengomdlali.
Ngemuva kwalesi sihlakalo ngisho nalabo abangalilandeli ibhola bazwakalise ukuzwelana okukhulu noParker, bemfisela ukululama ngokushesha.
UParker okhombisa ukululama ngokushesha, utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi useqalile ukuzilolonga kancane.
Ubonge kakhulu kubantu baseNingizumi Afrika ngokumeseka ngendlela eyisimanga.
"Angazi ukuthi ngingaluchaza ngithini uthando engilunikwe abantu bakuleli. Selokhu ngalimala ngababodwa abangithumelela imiyalezo engifisela ukululama ngokushesha. Noma ngisezitolo abantu beza ngobuningi kimi bengibuza ukuthi senginjani. Abanye baze bafone. Sikubonga kakhulu lokhu sinomndeni wami. Kuya njengokufisa kwabo abantu, ngilulama ngokushesha. Abadlali bahlale belimala mihla namalanga kodwa bengingakaze ngakubona lokhu kwesekwa okwenziwa kimina," kubeka uParker.
Ugcizelele ukuthi ngeke akujahe ukubuyela enkundleni, ufuna ukuphola ngokwanele.
Nakuba ethe usekudlulisile okwenzeke kuyena kodwa akakufihlanga ukuthi lesi sihlakalo siwenze wamubi unyaka wakhe.
"Ngilimale ngisemgqigqweni omuhle. Bekuyisifiso sami ukusiza iGalaxy ukuthi yenze kahle kule sizini. Lokhu kulimala kungiphuthisele nangethuba lokudlala kowamanqamu weCarling. Mhlawumbe ukube bengikhona besizoba nenhlanhla yokuyinqoba le nkomishi," kusho lo mdlali efa insini.
Ulimale esadlale eyeDStv Premiership eyisishiyagalolunye nowodwa weCarling.
IGalaxy unyaka izowuvala ngokubhekana neChippa United eMbombela Stadium namuhla. Ngempelasonto edlule ishaye iLamontville Golden Arrows ngo-2-0. Ngonyaka ozayo izobuya ngabo Abafana Bes'thende (Arrows), ngoFebhuwari 18, khona eMbombela. IGalaxy ikleliswe kweyesi-11, ngamaphuzu awu-18, emidlalweni ewu-14.