ISETHENJWA seTS Galaxy, uBernard Parker, kasingabazi ukuthi ulwazi abaluncele ekhempini ebiseTurkey, luzoyibeka kwelinye izinga iThe Rockets ebholeni lase-Afrika.
Ekhempini ebiqondene nemidlalo yeNdebe yoMhlaba, iGalaxy idlale emithathu yobungani, yanganqoba nowodwa. Kowokuqala ibambane neGiresunspor edlala kwiSuper Lig khona eTurkey.
Kowesibili ibhaxatshulwe ngo-5-1 yi-U.C. Sampdoria, egijima kwiSerie A, e-Italy, kowokugcina yadliwa ngo-1-0 yiDynamo eyibamba kwi-Liga 3, eGermany.
EzikaSead Ramovic, zihambe sekuphele imidlalo eyisishiyagalolunye yeDStv Premiership zihluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele. Zagcina ukunqoba ngo-Agasti zishaya iSuperSport United ngo-2-0.
Kwi-log zikleliswe kweyesi-12, ngamaphuzu awu-13, emidlalweni ewu-12. Zihlukaniswe amaphuzu amabili kuphela neMaritzburg United neSekhukhune United abahleli ngasemsileni.
Engxoxweni neSolezwe, uParker odlale iminyaka emithathu phesheya, uthe uhambo lwaseTurkey lube yimpumelelo enhle kakhulu.
"Inhloso yalolu hambo bekunguyofunda ngokwenziwa kwezinto eziningi ekuphathweni kwebhola e-Europe. Abadlali, abaqeqeshi, izikhulu zeqembu nabanye abasebenzi beGalaxy, babuye benyinyitheka ngolwazi. Sifunde lukhulu ngokuphathwa kwebhola nokudlalwa kwalo e-Italy, Turkey naseGermany. Angingabazi ukuthi ulwazi luzolisiza iqembu lethu ekubeni ngelinye eliphethwe ngobuchule kuleli, nase-Afrika yonkana. Ukudliwa nokunqoba kwethu bekungabalulekile," kubeka uParker.
Uqhube wathi abantu abajabulele kakhulu ngabadlali abasebancane jkwiGalaxy.
"Ngenhlanhla mina ngilitholile ithuba lokudlala phesheya. Ngibuzwile ubumnandi bokudlala khona. Ngikholelwa ekutheni uhambo lwaseTurkey, luzogqugquzela abadlali abasebancane beGalaxy, ukuba bahlale bephupha ngokuyodlala phesheya,“ kuchaza uParker.
Kusasa ngo-7.30 ebusuku, iGalaxy izovakashela iMaritzburg, eHarry Gwala Stadium.
Mayelana nomdlalo, uParker uthe ngeke benze iphutha lokweya ezikaFadlu Davids ezibambe amabhuleki kwi-log.
"Kuzoba umdlalo onzima ngoba womabili amaqembu asendaweni engeyinhle kwi-log. Sizobe silwela ukuqeda ishobolo lokuhlulwa amaphuzu amathathu. NeMaritzburg ilwela ukusuka emsileni. Okuhle ngathi siya kulo mdlalo sivuselelekile emoyeni ngenxa yolwazi esiluthole e-Europe,“ kusho uParker.
UParker uqale ukugqama ebholeni lakuleli kwiThanda Royal Zulu, phesheya udlale kwiRed Star Belgrade yaseSerbia. Ube esedlulela kwiFC Twente yaseNetherlands, phakathi kuka-2009 no-2011.
Unqobe isicoco seligi (Eredivisie) ngo-2009/10 neqembu, badla neseJohan Cruyff Shield ngo-2010 nango-2011. Ube esejoyina iPanserraikos F.C ngaphambi kokujoyina iChiefs ahlale kuyo iminyaka ewu-11.
Esegijima kwiChiefs inqobe eseligi ngo-2012-13 nango-2014-15, eseNedbank Cup (2012-13) neseMTN8 (2015). Kwathi ngesizini ka-2013-14 wanqoba indondo, iLesley Manyathela Golden Boot.
Okunye akuzuzile, ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ebikuleli ngo-2010 nakwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2013 nango-2014.
Emasontweni edlule uthole iziqu zokuqeqesha zeCaf C Licence. Phakathi kwezinye iziqu anazo ngezeSport Management. Kumanje wenza ezeSports Psychology.
UParker ophinde abe usomabhizinisi, uveze ukuthi isifiso sakhe ukuthi uma esewagaxe emgibeni abe ngumqeqeshi.