AKUKAZE kumphathe kabi ukunganqobi ngisho eyodwa inkomishi selokhu afika kuleli, uSamir Nurkovic ongumgadli weTS Galaxy.
UNurkovic unethuba lokukushintsha lokhu uma ezakhe sezidudulana neStellenbosch FC kowamanqamu eCarling Black Label Knockout, ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kowandulela owamanqamu iThe Rockets ecijwa uSead Ramovic, idlule ngo 3-2 kuMaZulu FC kuyona le nkundla.
Lo mgadli waseSerbia waphuma negoli okwaba elesithathu kade engene esuka ebhentshini.
IStellies eqeqeshwa uSteve Barker, yona izibekisele indawo kowamanqamu ngokuphipha iRichards Bay, iyihlula ngo 3-0, eKing Zwelithini Stadium.
UNurkovic wafika kuleli ngo-2019, ezojoyina iKaizer Chiefs. Wafika kwezakala njengoba ayeqhulula amagoli kuleli qembu elaliqeqeshwa u-Ernst Middendorp, kwala kancane ukuthi bagcine bedle isicoco seDStv Premiership.
Kwisizini yokuqala, ka-2019/20, washayela iChiefs amagoli awu-14, wakhanda ayisithupha emidlalweni ewu-31.
Kweka-2020/21, ube ngomunye wabasize leli qembu ukufinyelela kowamanqamu eCaf Champions League.
Babe nebhadi njengoba umhlanganiso ugcine udliwe i-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-0. Kwakungowokuqala nowokugcina owamanqamu esadlala kwiChiefs.
Uyishiyile wajoyina iRoyal AM angabanga naso isikhathi esihle kuyo.
Usebe nenhlanhla njengoba ethe efika kwiGalaxy bafinyelela kowamanqamu. Esithangamini sabezindaba seGalaxy, eGoli kuleli sonto, uveze ukuthi yize kubukeka engathi silokhu simphunyuka isicoco esesibhekile kodwa yena akakaze nangelanga elilodwa azethwese ingcindezi yokuzibuka njengesahluleki.
"Yebo kuliqiniso ukuthi angikaze nginqobe nkomishi selokhu ngafika kuleli. Nakuba kunjalo angikaze ngizethwese ingcindezi ngalokho. Kubalulekile ukuhlala uqinile ngokomqondo nangokwenyama. Uma uNkulunkulu ethanda sizoyinqoba le nkomishi. Sisebenza kanzima njengoba sibheke emdlalweni weStellenbosch. Wonke umdlali wenza akutshelwa umqeqeshi," kubeka uNurkovic onamagoli amabili emidlalweni eyisikhombisa yeligi.
Eningini lemidlalo lo mgadli usuka ebhentshini.
"Konke kulala kumqeqeshi ukuthi uyangiqalisa imidlalo noma cha. Angikhathazekile ngokwenzekayo. Ozakwethu phambi kwamapali balenyuse kakhulu izinga. Sizokhumbula ngike ngahlala isikhathi ngingadlali. Ngiyakuqonda ukuthi kusamele ngibuyele emgqigqweni wami ofanele. Uma ngingena enkundleni kuhlale kuduma ekhanda ukushaya amagoli. Akukhathalekile ukuthi ngiwuqalile noma cha umdlalo.“
Uthe akwaziyo ukuthi ucilo akazishayanga endukwini ekutheni iGalaxy ingene kowamanqamu. Akayifihlanga nenjabulo yokushaya igoli elibafake kowamanqamu bebhekene noSuthu.
"Kuyintokozo ukuthi igoli lami lisibeke lapha. Lokhu okwenzekile into enkulu eqenjini lethu elinabadlali abanamaphupho amahle nekhono. Lokhu kube wukusebenza kwabo ngokuphindaphindiwe," kuqhuba uNurkovic ojobelele ngokuthi abakugqizi qakala ukuthi bazobhekana neStellies esidlala ngeningi labadlali abasebancane abanejubane.
"Siwahlonipha wonke amaqembu esibhekana nawo. Siyakuqonda ukuthi iStellies ingelinye lamaqembu enza kahle kwiPSL. Isefomini, inabadlali beqophelo. Nakuba kunjalo asigxilile kwenakho nekwenzayo, sinake izindaba zethu.“
Umqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, uthe: “Owamanqamu awukaze waba lula. Kumele senze isiqiniseko sokuthi imiqondo yabadlali igxila ngokuphelele kuwo. IGalaxy ingelinye la maqembu amakhulu e-Afrika. Ikufanele ukuba kowamanqamu eCarling. Ihleleke kuzozonke izindawo. Ngesiqiniseko sokuthi ithimba layo elisha labaqeqeshi nelabadlali lizofuna ukuhamba ezinyathelweni zabanqoba inkomishi yeNedbank Cup ngo-2019, khona eMabhida. Ngasohlangothini lwethu, siwubheke ngabomvu lo mdlalo. Sithandazela ukuthi imiphumela emihle iqhubeke nokuhamba nathi. Sifuna ukujabulisa abalandeli bethu emuva eWestern Cape.”