INKAKHA yaMaZulu FC, u-Ayanda "Cobra" Dlamini, eke yaba ngumqeqeshi weqembu ithi iyomkhohlwa ifile, uBongi "Mdeva" Ntuli, ngesenzo asenzela yona ngesikhathi iqeqesha Usuthu okokuqala ngqa.
Ngaleso sikhathi (ngesizini ka-2019/2020) Usuthu lwaluhleli kunombolo-16 kwi-log yeDStv Premieship, lubhekene neKaizer Chiefs eyayiqhwakele, isesibayeni sayo.
UDlamini wahlangana noNtuli kuMaZulu ngo-2014 ngesikhathi efika kuleli qembu laseThekwini ngokubolekiswa esuka kwiMamelodi Sundowns.
ISundowns yayikade imbone kwiLamontville Golden Arrows kodwa yamdlulisela Osuthwini kungakapheli ngisho izinyanga eziyisithupha efikile eChloorkop ngoba ifuna u-Emilliano Tade, wase-Argentina, owayevutha amalangabi eqenjini laseThekwini.
Ngesikhathi ebhonga emswaneni ngokushona kwalo mgadli uDlamini, okhulume neSolezwe, uthe ufe olwembiza ngoba kukhulu abebesakubheke kuNtuli njengoba ebesanda kugcagcelwa.
UNtuli (32) ushone ngeSonto esibhedlela saseMgungundlovu ngemuva kokutholakala kokuthi ubenomdlavuza obususabalale ezingxenyeni ezehlukene zomzimba. NgoSepthemba ushade noSinenjabulo Zungu oyisikhulu kuMaZulu.
Kwakuhlelwe ukuthi ngeSonto (Novemba 5) babe nomgcagco wesintu.
"Silimele kakhulu kodwa angikwazi nokuyicabanga eyemindeni yakhe kwazise ila bekubukeka khona sengathi iyaqala impilo yakhe nomndeni wakhe omusha," kusho uDlamini.
"Ubefana nomfowethu futhi bengithembele kuyena uma nginaye enkundleni noma ngisebhentshini ngimqeqesha futhi bengingamfihleli ukuthi ngiyamethemba.
"Besitholana kakhulu kodwa obekugqama kimina inhlonipho emangalisayo abenginika yona uma uzokhumbula ukuthi ngimqeqesha nje, besike saba abalingani phambilini sibanga nejezi.
"Kukona konke okuyokwenzeka empilweni yami njengomqeqeshi, akukho okuyodlula engakwenzelwa uNtuli emdlalweni wami wokuqala nginikwe ijoka lokuhlenga Usuthu ezembeni.
“Sasikunombolo-16 kwi-log siyodlala neChiefs eyayiqhwakele ngaleso sikhathi.
"Ngeke ngiqambe amanga kwakugxabha isisu ngenxa yobukhulu nobumqoka bomsebenzi okuhambisana nobunzima besitha kodwa uNtuli weza kimina wathi (mqeqeshi), ungatatazeli uzobona ngami sengiya ekhoneni ngiyojabulela igoli. Nangempela wenza njalo yaqala kanjalo indlela yami ekuqeqesheni yaphetha ngokuthi ngiluhlenge Usuthu ezembeni.“
UNtuli uyohlala esemlandweni woSuthu ngokuluhola yedwa njengesibani eluhlenga ezembeni ngesizini ka-2019/2020.
Ngaleyo sizini uNtuli washayela leli qembu amagoli angu-13 kwangu-20 agcine elisiza ukuba lugweme izembe.
UCobra ohlukane naMaZulu ekupheleni kwesizini edlule, uthe yize bekhala bona abebezwana noNtuli kodwa abukho ubuhlungu obudlula obuziwa umndeni.
"Kusemqoka ukusebenzisa leli thuba ngidlulise amazwi enduduzo emindenini yakhe yomibili. Kubona bonke abaxhumene noSuthu ngithi duduzekani. Nihlale nikhumbula uNtuli ngokuluthwala yedwa uma kufanele iqembu lenu alihlenga ezembeni iminyaka ilandelana," kuphetha uDlamini.
Kusukela Usuthu luqinisekise ukushona kwalo mgadli, alokhu engene njalo amazwi enduduzo kusukela kuwona wonke amaqembu ePremier Soccer League (PSL) kuze kuyofika kubadlali abathathwa njengezinkakha zebhola laseNingizimu Afrika okugqame kubona oTeko Modise, Siphiwe Tshabalala, Bernard Parker noMorgan Gould.