UMGADLI weRichards Bay, uSomila Ntsundwana (26), ubona besenalo ithuba lokuzuza abakufunayo phezu kokuba bengenzanga kahle emidlalweni yakamuva.
Nakuba amaNatal Rich Boys kuyisizini yawo yokuqala kwiDStv Premiership kodwa amangaze abaningi enqoba imidlalo kulandelana.
Lokhu kuholele ekutheni angene emzuliswaneni wesibili weligi esendaweni yesibili kwi-log.
Kodwa emidlalweni yakamuva nje, izinto zithanda ukungawahambeli kahle, osekufaka ukungabaza ngezinhloso zawo.
Asehluleke ukunqoba emidlalweni emine. Kulesi sibalo, kweyeligi, abambane neSuperSport United namaZulu. Leli qembu likaSifiso " Jomo" Biyela liphinde, lavumela iSwallows ukuthi ibuyise izinduku. Inqobe ngo-1-0.
EzikaBiyela ezicijwa uPitso Dladla, osizana noVasili Manousakis, ziphinde zawashiswa ijezi yiMamelodi Sundowns ngo-3-2 koweLast 32 Nedbank Cup.
Amagoli okubika eBay avalelwe enethini nguNkanyiso Zungu noKatleho Makateng.
Uthe bazi kahle ukuthi ebholeni izinto kazihlale zikuhambela kahle. " Ngeke ngikuphike ukuthi ngabe siqoqe inqwaba yamaphuzu ukube kule midlalo emithathu yeligi asibhacazanga. Ngeke ngikuphike futhi ukuthi besingathanda ukuhamba ibanga elide kwiNedbank Cup.
“Ngikholelwa ekutheni ukube asiwenzanga amaphutha ambalwa, ngabe siwunqobile lo mdlalo. Ngikholelwa nasekutheni uma singalungisa amaphutha, siqhubeke nomgqigqo esiwutshengisile kwiLast 32 Nedbank Cup sizoya kude. Ngithi kubalandeli bethu phansi amaphaphu akonakele," kubeka uNtsundwana.
Njengamanje ezikaDladla zisendaweni yesithathu, ngamaphuzu awu-31.
Nakuba uNtsundwana ebelokhu ekugcizelela ukuthi kayikho ingcindezi abayithola kubaphathi beqembu kodwa uveze ukuthi basenalo ithuba lokuqeda kwi-top 8 noma emaqenjini amahlanu aphezulu kwi-log.
Ebuzwa ngamathuba okuya emiqhudelwaneni yeCaf, uthe: "Uma kwenzeka siyojabula kodwa akuyona into esiyibeke ekhanda. Uma lifikile lelo thuba siyolibamba ngezandla zombili. Engikwaziyo wukuthi uma sizimisele ingasongwa iligi sisemaqenjini amahlanu noma ayisishiyagalombili aphezulu.“