UQOPHE irekhodi elisha lokuthola isibhaxu isanda kuqala isizini umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki onuka iqaqa kubalandeli bayo.
UNtseki ugixabezwe ngesikhundla sokupheka Amakhosi ngoJuni kulandela ukushenxiswa kuka-Arthur Zwane. Ngesikhathi emenyezelwa kwasuka igidigidi ezinkundleni zokuxhumana, iningi labalandeli elaliphawula likhombisa ukumungabaza.
Usahlale ebhentshini leChiefs emidlalweni emine kuphela. Nokho usekubonile okwenze bahosha imfe abanye abaqeqeshi abamandulelayo, abaphenduke izitha zabalandeli ngenxa yokungezi kwemiphumela egculisayo. Esikhathini esiningi akugcini bona.
UNtseki ujikijelwe ngabalandeli, kwadingeka avikelwe ngamaphoyisa emuva kokuthi iChiefs yehlulwe yi-TS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni we-DStv Premiership, eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngeSonto. Bebemi phezu komuhhume ongenela enkundleni bejikijela ngamabhodlela namakani ngesikhathi ezophuma.
IChiefs ayinayo iwini emidlalweni emithathu yeligi kule sizini futhi isashaye igoli elilodwa. Isawine kowe-MTN8 ishaya iCape Town City ngo 2-1 ekugcineni.
Intukuthelo yabalandeli beChiefs ayiqali kuNtseki kodwa iwumphumela wendlala yezindebe esibheke eminyakeni eyishumi. IChiefs yagcina ukuwina indebe ngesizini ka-2014/2015 iqeqeshwa nguStuart Baxter, ikhala yemuka neligi ne-MTN8.
Ukushaywa kukaNtseki zibekwa, kumfake emlandweni wokuthola isibhaxu ngokushesha kunabo bonke abaqeqeshi beChiefs ababhekane nolaka lwabalandeli.
Abanye abaqeqeshi bebeshaywa sekuyophela isizini noma isiphakathi. Empeleni nguSteve Komphela othole isibhaxu isephakathi isizini ngesikhathi kuphoqeka ukuthi avikelwe ngamaphoyisa ngo-2016 emuva kokwehlulwa yiChippa United ngo 3-1 eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.
Emuva komdlalo, uKomphela wacashunwa ethi: "Njengoba ngihlala ngisho, iwini inobaba abaningi kodwa ukwehlulwa kunyintandane."
IChiefs yamgcina njengomqeqeshi kwaze kwaphela unyaka.
Ukuphikwa yimiphumela kwaqhubeka. Abalandeli bamphinda ngo-Ephreli 8, 2018, besho ukumudla luhlaza, bemjikijela ngamabhodlela emuva kokwehlulwa kweChiefs ngo 3-0 yiChilli Boys e-FNB Stadium.
Unozinti, u-Itumeleng Khune, wazama ukumkhuzela uKomphela kodwa isibhaxu sakhala kuyena. UKomphela wagcina ehlulekile ukubekezela, wesula esikhundleni sokuqeqesha iChiefs ngemuva kokuphuma ngesamagundane eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kulandela ukwehlulwa kwabo yiFree State Stars ngo 2-0 kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngo-Epreli 21, 2018.
Kulesi sigameko kwalimala abanye abalandeli nonogada. Abanye abalandeli abangena enkundleni balimaza namakhamera, bavulelwa amacala baboshwa.
Intukuthelo yabalandeli iqhubekile. Umqeqeshi uStuart Baxter uyificile esekhuza ubuya ngoJuni, 2021. Akuphelanga isikhathi esingakanani, bamshaya abalandeli. Ngo-Ephreli, 2022, ubhekane nolaka lwabalandeli okokuqala, befuna ashiye iChiefs emuva kokwehlulwa yiSuperSport United ngo 1-0 e-FNB Stadium.
Lo mphumela wawuqeda amathuba eChiefs okudlala kwi-Caf Champions League noma kwi-Caf Confederation Cup.
Emuva komdlalo uBaxter wakhombisa ukungancengi, ethi: "Anginawo umyalezo engingawubhekisa kubalandeli ngoba uma befuna ngihambe, ngizohamba. Uma usihlalo ethi angicabangi ukuthi uyindoda ewulungele lo msebenzi, ngizohamba. Anginankinga nokwenza lokho, ngizohamba. Yimina kuphela umqeqeshi olethe impumelelo eqenjini eminyakeni engu-20. Kodwa sekufanele ngihambe ngoba siphathe umdlalo sahlulwa ngo 1-0? Kufanele ngilalele lokho? Kulungile, bangabalandeli. Banelungelo lokusho abakuthandayo."
UBaxter wakhonjwa indlela emuva kwezinsuku ezine. Lokho kubukeke kuzithoba izinhliziyo zabalandeli.
Emuva kwesikhathi bekhalela ukuthi kunikwe ithuba u-Arthur Zwane, ugixatshezwe ngesikhundla ethenjiwe. Ubhinjelwe yizinto, abalandeli bagcina bephelelwa yisineke. Isimo sibame emphinjeni emuva kokwehlulwa yi-Orlando Pirates kwiNedbank Cup obekusho ukushabalala kwamaphupho okudlala kwi-Caf.
Emdlalweni owandulela owokuvala isizini, bamthele isibhaxu abalandeli walimala emuva kokushaywa ngo 1-0 yiSuperSport eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West. Kudingeke anyangwe ngodokotela, wagcina engayanga ukuyokhuluma nezintatheli.
Esitatimendeni, iChiefs eyasikhipha ngemuva kokushaywa kukaZwane, yathi ulimale ngesikhathi omunye wabengalo yomthetho ezama ukumvikela. Yathi iyakuqonda ukuphoxeka kwabalandeli ngenxa yomphumela kodwa indlela abaziphathe ngayo ngeke ibekezelelwe.
Akubuzwa ukuthi uZwane ukwazi kahle okwehlele uNtseki aseyiphini lakhe.
Manje, amehlo wonke abheke kubaphathi beChiefs ngesinqumo abazosithatha ngaye kwazise bayasiqabuka isimo sokushaywa komqeqeshi isanda kuqala isizini. Wumlando uqobo.