INKAKHA yeKaizer Chiefs, uTshepo Molatedi, ithe ifisa umqeqeshi weChiefs uMolefi Ntseki, angesabi ukuphonsa emphandwini wezingonyama abadlali abasebancane naphezu kwengcindezi azobhekana nayo kule sizini eqalayo.
UNtseki uzohlala okokuqala ebhentshini leChiefs njengenhloko yabaqeqeshi leli qembu livula isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership ngokutholana phezulu neChippa United, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3 ntambama.
“Ngesizini edlule u-Arthur (Zwane) ukwazile ukuba nesibindi sokunika abadlali abasebancane abanjengoMduduzi Shabalala noSamkelo Zwane, abakwazile ukukhombisa ukuthi kukhona abangakwenzela iqembu inqobo nje, uma benikwa ithuba.
Ngakho-ke ngiyafisa ukuthi nomqeqeshi uMolefi (Ntseki) naye angangesaba ukuqhubeka nokubanika ithuba abadlali abasebancane, nphezu kwengcindezi azobe ebhekene nayo kule sizini.
Kubalulekile ukuthi abadlali abasebancane banikwe ithuba, bahlanganiswe nabanamava, ngoba uma laba badlali abancane sebejwayele kahle ukudlala eqenjini elikhulu baqina ukhakhayi, akukho okuzoma phambi kwabo,” kusho uMolatedi, owanqoba isicoco seBP Top 8 (MTN 8) neChiefs ngesizini ka-1994.
Uthe abalandeli beZimpofana abehlise umoya ngomqeqeshi uNtseki, bangamehluleli ngemidlalo yobungani yokuzifudumezela ukuqala kwesizini, kodwa abamnike ithuba babone ukuthi uphetheni.
IChiefs iqala isizini nje, iningi labalandeli baleli qembu lishaya amakhala ngenxa yokungenzi kahle kwaleli qembu emidlalweni yokuzifudumuzela ukuqala kwesizini, ishaywa yiYoung Africans yaseTanzania ngo 1-0, yalandelwa ngesinye isibhaxu sika 2-1 kwiTownship Rollers yaseBotswana komunye wobungani, eBotswana, ngeledlule.
“Kudinga ukushayelwa ihlombe okwenziwe ngabaphathi beChiefs ukuthi bathembe umqeqeshi uMolefi ngokumnika isikhundla sokuba yinhloko yomqeqeshi.
Ubevele eyingxenye yeqembu ngaphambi kokuba anikwe lesi khundla, ngakho nginethemba elikhulu lokuthi uzokwazi ukubuyisa isithunzi seChiefs, idlale leliya bhola eyayaziwa ngalo, futhi-ke nabadlali abasayiniswe yiqembu bahle futhi basezingeni lokunika iqembu le nto eliyidingayo.
Ngakho-ke angingabazi ukuthi kuyophela isizini sikhuluma enye indaba. Okudingekayo nje wukuthi abalandeli banike umqeqeshi nethimba lakhe ithuba,” kuqhuba uMolatedi, engxoxweni abenayo neSolezwe Ngempelasonto kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup, oNdini, muva nje.
UNtseki ungumqeqeshi okholelwa kakhulu kubadlali abasebancane kwazise uke wasebenza esikhungweni sabadlali abasakhula, iHarmony Sports Academy, eFree State ngaphambi kokuba yiphini lomqeqeshi kwiBloemfontein Celtic (engasekho), naseqenjini lesizwe lika-Under 17 (Amajimbos), nelika-Under 20 (Amajita).