AKUYONA into eqwashisa unozinti we-Orlando Pirates, uRichard Ofori, ukuthi ngubani ozobe esezintini ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, lapho bezobhekana nezimbangi zabo ezinkulu zaseSoweto, iKaizer Chiefs, koweDStv Premiership eFNB Stadium.
U-Ofori, ozalelwe eGhana, ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili, eMelrose Arch, eGoli. I-Pirates ibizokwethula umshado wayo weminyaka eminingi, nelinye lamahhotela ahlonishwayo emhlabeni iMarriot Bonvoy.
Kumanje eZimnyama zisendaweni yesine kwi-log kanti zizokwamukela iChiefs elele isihlanu, zishayela phezulu ngemva kokwethula emthini iMamelodi Sundowns ngokuyixebula ngo 3-0, iyikhipha kwiMTN8 enentshontsho lika-R8 million.
Emdlalweni obusePolokwane, ngempelasonto edlule, uSiyabonga Mpontshane ubengomunye wabadlali bePirates, abashaye into ecokeme. Lo nozinti waseNgwavuma, KwaZulu Natal, wenza okufanayo nakwiLamontville Golden Arrows, abadlale nayo ngaphambi kweSundowns, akazange adedele lutho.
UMpontshane ubuyele esikimini seZimnyama ngemva kokulimala kuka-Ofori emasontweni edlule.
Njengoba ekhombisa ukwenza kahle lokhu kukhomba ukuthi kuzoba nzima kumqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ukuqoka unozinti azohloma ngaye kowomkhaya ngoba no-Ofori, useqalile ukuziqeqesha ngokugcwele neqembu.
U-Ofori ukhombise izimpawu zokungazihluphi ngokucabanga ngejezi njengoba kuza umdlalo ohalelwa ngabadlali abaningi bala maqembu. Uzeseke ngokuthi ijezi likuyena okwamanje futhi usawenza ngendlela umsebenzi.
“Iqiniso ukuthi, akusho lutho ukuthi ngubani odlalayo kumbe ozodlala, yinqobo nje uma lowo oqokiwe, ezokwenza ukuthi umndeni wePirates uziqhenye ngaye,” kusho u-Ofori, emcimbini wokumenyezelwa kwesikhondlakhondla sabaxhasi esinobudlelwano obufanayo neManchester United, yase-England.
“Umbango wejezi akuyona into engizikhathaza ngayo ngoba yimina vele umuntu okufanele ngiqhudelane naye kuqala ngaphambi kwabanye. Okusemqoka kunakho konke ukuthi sihlale sibumbene ngaso sonke isikhathi futhi silwa impi eyodwa, yokuqinisekisa ukuthi iPirates iyaphumelela,” kusho u-Ofori.
Ukubuyela ekuziqeqesheni ngokugcwele kube yizindaba ezimnandi ku-Ofori odabuka eGhana, njengoba sekusondele ukuthi kumenyezelwe isikwati samaBlack Stars esiya koweNdebe yoMhlaba, ezoqala ngoNovemba 20, eQatar.
NgoLwesibili emini ibisiqalile ukusabalala imibiko ekhomba ukuthi asedayiswe aphela amathikithi omdlalo womkhaya. Lokhu kuqinisekiswe ngoLwesibili ebusuku ekhasini le-twitter lenkampani ephethe i-FNB Stadium, iStadium Management SA, ngombhalo othi:
“Amathikithi eSoweto Derby phakathi kwePirates neChiefs ngo-29 Okthoba asedayiswe aphela.”