ENYE yezinsephe zakuleli eyayingalibheki ipali, uSiyabonga "Bhele" Nomvethe, ibona inkinga yokungabi nabagadli bezinga eliphezulu ingalashwa ngokuthi abakuleli babhukule ukuze bezobonwa ngamaqembu agijima kumaligi amakhulu emhlabeni.
Uphawula kanje ngemuva kokukhononda komqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokushoda kwabagadli bezinga eliphezulu kuleli.
Lo mqeqeshi ukhale kanjena ngemuva kokuthi ezakhe zibambane ngo 1-1, ne-Andorra, kowobungani obuse-Algeria.
Kuwo abafana bakhe bakhande inqwaba yamathuba kodwa bakwazi ukushaya elilodwa.
"Ngiphoxekile ngokuyeka inqwaba yamathuba esiwatholile. Bekumele sithole amagoli amabili kuya phezulu. Seyidonse iminyaka inkinga yokungabi nomgadli ovuthayo eNingizimu Afrika. Inkinga ukuthi liphansi ngezigaba ezimbili izinga leDStv Premiership uma liqhathaniswa nelo mhlaba. Kuba nzima ngisho kubadlali abashaya amagoli kalula kwiDStv Premiership," ucashunwe kanje uBroos.
UNomvethe owashayela iBafana amagoli awu-16, uthe uyavumelana noBroos ngokwehla ngezinga labagadli bakuleli.
Uthe nakuba engathandi ukugxeka kodwa kubona ngisho ingane ukuthi izinga labagadli besimanje lehle kakhulu uma liqhathaniswa nelezikhathi zabo noBenni McCarthy ozihola kwiBafana ngawu-31. Kulandela uShaun Bartlett (28), Katlego Mphela noBernard Parker (23), Philemon Masinga (19), Nomvethe, Percy Tau (15), Sibusiso Zuma (13), Tokelo Rantie noSiphwe Tshabalala (12).
UNomvethe ufakele abagadli bakuleli inselelo yokuthi babhukule ukuze bezobonwa ngamaqembu aphesheya.
"Ukuze iBafana yenze kahle eminyakeni edlule ukuthi iningi lababengabagadli bayo lalidlala phesheya. Kusukela kwabangaphambi kwethu abanjengoMasinga, Bartlett nabanye kuze kuzoshaya esizukulwaneni sethu noMcCarthy. Nakuba sasinalo ikhono lendalo kodwa ukuya phesheya kwalicija. Izinga lakhona liphezulu kakhulu uma liqhathaniswa neligi yakuleli. Asivuke emaqandeni isizukukwane sabagadli besimanje ukuze bezoya phesheya. Lokho kuzoba wusizo eqenjini le sizwe," kubeka uNomvethe owashaya igoli okwanqoba ngalo iBafana ngo-1-0 ibhekene neSlovenia eNdebeni yoMhlaba, ngo-2022, eKorea naseJapan.
Eqenjini lamanje leBafana abagadli uBroos akholelwa kubona abadlali phesheya uLyle Foster ogijima kwiBurnely yase-England noLebo Mothiba odlala eFrance. Nokho laba bebengekho kwiBafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon). UFoster ucele ukungabizwa ngoba esalwa nokuqina kahle ngokomqondo kanti uMothiba ubelibele. UBroos uthe wethemba ukuthi laba bazobe sebekhona uma elakuleli selidlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni.
UNomvethe okwagcina ngaye ukuthi kube nomgadli wakuleli oshaya amagoli awu-20 kwiDStv Premiership, akwenza ngo-2011/2012 ekwiMoroka Swallows, uthe kuyihlazo nokuthi nakwiligi kukhonya abangaphandle. Irekhodi lamagoli awu-25, lisaphethwe uCollins Mbesuma waseZambia, alenza ngesizini ka-2004/05, esadlala kwiChiefs.
Namuhla, iBafana izobhekana ne-Algeria komunye wobungani ngo-11 ebusuku, kulona leliya lizwe.
Kulo nyaka owokuqala wokuhlungela eyomhlaba izowudlala neNigeria, ngoJuni 3. Owesibili ngoweZimbabwe, ngoJuni 10.