UKWAMUKELWA kahle ngabalandeli kwezindaba zokuxoshwa komqeqeshi, uPablo Martin, kukhombisa ukuthi bebengasaneme ngomsebenzi wakhe.
Ngaphansi kobuholi bukaMartin, owethulwa ngedumela waqanjwa negama uCijimpi, Usuthu luqede endaweni ka-11 kwi-log emuva kokuwina imidlalo eyisishiyagalombili ngesizini edlule.
NgoLwesibili, AmaZulu amemezele abaqeqeshi abasha okungu-Arthur Zwane obekwiKaizer Chiefs, noVusumuzi “Kanu” Vilakazi obeqeqesha iqembu leDStv Diski Challenge.
UZwane noKanu babhekane kaningi besaqeqesha kwiDiski Challenge nakwiPremiership. Umbuzo owokuthi bazokwazi yini ukusebenza ngokubambisana kuMaZulu.
Umsebenzi ohlalele laba baqeqeshi kuMaZulu:
*Ukulungisa indaba kanozinti. Emuva kokwenza amaphutha kukaVeli Mothwa, uMartin uqoke ukudlalisa u-Olwethu Mzimela emidlalweni emibili. UMzimela ungenelwe ngamagoli amane emidlalweni emibili yakamuva. Ukulungisa isimo, AmaZulu asayinise uRichard Ofori owachithwa yi-Orlando Pirates. Nokho kungenzeka ijezi libuyele kuMothwa kwazise u-Ofori akayena unozinti okwazi ukudlala ibhola ngezinyawo njengoba kudingeka endleleni yokudlala kaZwane noVilakazi. Omunye unozinti okuMaZulu ngu-Andile Mbajwa olizwa ngendaba ijezi.
*Baningi abadlali baMaZulu obekukhalwa ngokuthi abaziphathisi okwabadlali besigaba esiphezulu ngaphandle kwenkundla. Lokhu kusobala ukuthi ngenye yezinto uMartin ahlulekile ukuzilawula. Indlela yokuziphatha ngaphandle kwenkundla inomthelela endleleni abadlali abadlala ngayo enkundleni. Baningi abadlali abafika kuMaZulu kubhekwe lukhulu kubona kodwa bagcina beshona phansi. Ukuqinisa isandla kubadlali kukaZwane nokufuna ukuwina ngaso sonke isikhathi, kungenzeka kuwasize AmaZulu ukukhalima amahlongandlebe.
*Akungatshazwa ukuthi AmaZulu anabadlali abanekhono okubalwa kubona uCelimpilo “Zidane” Ngema, Hendrick Ekstein, Mlondi Mbanjwa kodwa badinga ukunikwa isikhathi esanele enkundleni. Ukufika kwabaqeqeshi abasha, abazobadlalisa ezindaweni ezifanele kungenzeka kubavuse. Lokhu kubonakele ezinyangeni ezedlule ngesikhathi uMbanjwa ebizelwa kwiBafana Bafana. UNgema, owayedlala ibhola elinenkosi phakathi esadlala kwiMarumo Gallants, ngomunye wabadlali ‘abasakweleta’ abalandeli boSuthu.
*Indlela yokudlala kaZwane noVilakazi egxile ekuphatheni ibhola, izofica inqwaba yabadlali baMaZulu abakuthakaselayo lokho. Kulaba badlali kukhona uNgema, Ben Motshwari, Tshepang Moremi, Rowen Human no-Ethan Brooks.
Emdlalweni wokuqala kuMaZulu, uZwane noVilakazi bazobhekana ne-Orlando Pirates ekuhambeni ngo-Okthoba 25.