UVEZA ukuthi akakaze akufake ekhanda ukuthi ufunwa izinkunzi zaseGauteng, uThabo Nodada (29) oyisithenjwa seCape Town City.
Le njini yafika kumaCitizens ngesizini ka-2016/17, iphuma kwiMpumalanga Black Aces. Yafika kwezwakala njengoba kwisizini yokuqala banqoba inkomishi yeTelkom Knockout.
UNodada wayengomunye wabadlali abagqamile bephakamisa eyeMTN8 ngo-2018. Ukuqhubeka nokushisa kukaNodada kugcine kumphendula inyama emaqenjini amaningi ikakhulukazi aseGauteng.
Kwaqale kwavela ukuthi ufunwa uthuli iKaizer Chiefs. Kwabe sekulandela igama le-Orlando Pirates neleMamelodi Sundowns.
Ukudlala ingcwenga yebhola kwamenza wafunwa nangawaphesheya. Nakuba uJohn Comitis ongusihlalo weCity ebekubalekela ukuveza amagama amaqembu kodwa obekugqama ukuthi ubehlale ekhala ngokuthi awabeki akufunayo etafuleni. Ubengamdedeli ekubeni wabakhulula abanye abadlali okukhona kubona uKermit Erasmus, Lyle Lakay, Bradley Ralani, Terrence Mashego, Khanyisa Mayo kamuva, ukusho abambalwa.
UNodada uthe kwesinye isikhathi ubetshelwa yiqembu ukuthi akhona amaqembu amfunayo. Uthe kwesinye isikhathi ubezwa ngemithombo yabezindaba.
Uqhube wathi ahlale ezitshela khona ukuthi uzohamba kwiCity uma isikhathi sesifikile.
"Ngeke ngiphike, kuyisifiso sawo wonke umdlali ukudlala phesheya noma emaqenjini amakhulu akuleli. Iningi labadlali liyadideka uma like lezwa ukuthi lifunwa phesheya noma ngamaqembu aseGoli. Mina ngisizwa ukuthi le mibiko angiyinaki, ngiqhubeka nokwenza umsebenzi wami," kubeka uNodada. Uthe akananxa nosihlalo weqembu lakhe ngokungamdedeli
"Ngenhlanhla usihlalo uwumuntu osondelene nabadlali. Ubonisana nabo ngakho konke okwenzekayo. Ngicabanga ukuthi yikho lokhu okwenza ngikujabulele ukuqhubeka nokuba ingxenye yalo mndeni. Njengoba ngisho ngihlale ngizitshela ukuthi uma isikhathi sesifikile ngizohamba."
NgoFebhuwari, iCity imemezele ukuthi iyivuselele ngeminyaka imithathu inkontileka yalo mdlali. Ube neshwa njengoba ngo-Ephreli evele walimala.
"Kube isikhathi esinzima ukuba ngaphandle isikhathi esingaka. Okuhle ukuthi sengibuyile ukuzolekelelana nozakwethu. Kujabulisile ukubabona bedlula esigabeni sokuqala seCarling Knockout. Ngithemba ukuthi nakoweMagesi sizoqhubeka nokunqoba," kusho uNodada.
Umdlalo weCity neMagesi ungo-3 ntambama, ngeSonto, e-Athlone Stadium.