INHLOKO yabaqeqeshi kwiLamontville Golden Arrows, uSteve Komphela, ikholwa wukuthi umgadli wayo uLungelo Nguse angayilwela indawo eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
UNguse (25) useshayele Abafana Bes’thende amagoli amahlanu emidlalweni engu-21 yeDStv Premiership kule sizini.
Lo mdlali odabuka eVryheid, uthathwe yi-Arrows ngaphambi kokuqala kwesizini, esuka eqenjini elikwiMotsepe Foundation Championship, i-University of Pretoria.
Ngaphambi kwalokho ubeseke wagijima kwamanye amaqembu asesigabeni esiphansi njengeBizana Pondo Chiefs, TS Sporting neBaroka FC.
Nakuba uNguse engazange ayibhakuzise inethi ngesikhathi bebambana ngo 0-0 neMamelodi Sundowns emdlalweni wangoLwesithathu ebusuku, uKomphela akananazanga ebuzwa ngamathuba alo mdlali okudlala kwiBafana ngelinye ilanga.
“Ngiyalingeka ukuthi ngivume (ukuthi kumfanele ukufinyelela kwiBafana). Ngasho okufanayo ngo(Tshegofatso) Mabasa nabanye abadlali kodwa abanye abantu abakuqondisisanga engakusho. Uma ngibuka uNguse, ungumdlali ongajwayelekile,” kusho uKomphela.
“Unikeze izinsizwa ezinamandla izinkinga eziningi kulo mdlalo. Ububona ukuthi (uMosa) Lebusa uyalizwa igalelo lakhe kanti (uMothobi) Mvala naye ngibona sengathhi ubezibuza ukuthi ngabe ubani lo mdlali ogqoke unombolo-40.
“Ngalokho ngingasho ukuthi unalo ikhono elifanele. ENingizimu Afrika abantu abalingana naye ngokweminyaka, sithi basebancane kodwa kufanele ngabe uyadlala. Uma unoNguse, unoMabasa nabanye abadlali, kufanele ubayeke babange ijezi,” kusho uKomphela.
Lo mdlali omude futhi onomzimba, uteketiswa ngelika-”Mbesuma” ngenxa yokufaniswa nomgadli owake wagijima kwiKaizer Chiefs, uCollins Mbesuma. Lo mgadli waseZambia wayengalibheki ipali ngesikhathi egijima kwiligi ephezulu.
UKomphela uthe akumangazi ukubona uNguse eqhathaniswa naye ngoba kuningi akubonayo okufanayo kulaba bagadli.
“Engingakusho ukuthi ikhono unalo. Uzibeka ezindaweni ezifanele, unamandla futhi uyakwazi ukubeka ibhola enethini.
“Uqinile ngokomqondo kodwa ungumuntu othobekile. Muhle kuzona zonke izinto ezidingekayo kumgadli.
"Uma uzibuza, ‘ngabe unawo umqondo ofanele? Ngabe ungumuntu onesineke? Uyazibona izikhathi ezibalulekile emdlalweni?'.
“Yebo, unakho konke okudingayo. Singamsiza nje ukuthi anyuse ukuzethemba kodwa angaba ngumdlali omqoka kuleli,” usho kanje.
Ngaphandle kwaMabasa ozihola phambili ngamagoli angu-15 kwiDStv Premiership, bakhona abanye abagadli abazinze kuleli abalwela ukulenza elabo ijezi leBafana njengo-Iqraam Rayners, Khanyisa Mayo nabanye.
UNguse uzothola ithuba lokwengeza esibalweni sakhe samagoli uma Abafana Bes’thende sebedlala olandelayo weDStv Premiership neChippa United ngeSonto ngo-3 ntambama.
Iqembu likaKomphela lisendaweni ka-10 ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-27. Lisele ngephuzu kwiKaizer Chiefs esabambelele endaweni yesishiyagalombili.