UNGQONGQOSHE wezeMidlalo kuzwelonke, uZizi Kodwa, uzithwese ijoka lokudala ukubuyisana phakathi kwezinhlangano ezengamele ibhola eNingizimu Afrika, okuyiSouth African Football Association (Safa), nePremier Soccer League (PSL).
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, emcimbini wokwethula iCaf African Schools Football Championship, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ungqongqoshe udalule ukuthi usehlangane nobuholi beSafa ngokunjalo nosihlalo wePSL ngokwehlukana.
“Ekuhlanganeni kwethu neSafa, akukho okutheni obekuphoqe ukuthhi sihlangane kodwa uzokhumbula ukuthi sinamasonto ambalwa singene ehhovisi (esho ukuqokelwa kwakhe ukuhola ezemidlalo namasiko kuleli). Sihlangana ngesikhathi sonke sikhathazekile ngeqembu lesizwe, iBafana Banfana,” kuchaza uKodwa.
“Eqhulwini lezinto esizixoxe neSafa nesizimisele ukuthi sidlulele nakwiPSL, eyokuthi sekunesikhathi iqembu lesizwe lingenzi kahle kanti umnyombo walokho kungaba wukungabambisani kwabo.
“Enye yezinto ezidala lokho wukuthi emaqenjini ethu ePSL, abagadli abahamba phambili ngabokufika ukwedlula abethu. Izobathathaphi-ke iBafana abagadli uma bengekho nakwiPSL?
“Buka nje imigilingwane kaPeter Shalulile kodwa asikwazi ukumqokela eqenjini lesizwe. Kunezikhathi lapho ibhola lethu belihamba kahle khona kodwa kwafika lapho liboza khona. Lokho kusitshela ukuthi kukhona okumele sikwenzile. Kumele silungise ubudlelwano bePSL neSafa ukuze sithole isisombululo.”
UKodwa uqinisekise ngokuthi usehlangane nobuholi beSafa obungaphansi kukaDanny Jordaan kodwa kwiPSL usabonane nosihlalo wayo kuphela.
“Imihlangano yethu isazoqhubeka ngoba sengihlanganile nosihlalo wePSL, uDkt Irvin Khoza, i-Iron Duke. Unobuhlakani obuningi futhi ezingxoxweni zethu sivumelene ngokuthi okulandelayo maduze ukuthi sibize yonke iPSL. Lona luselude ukhalo,” kusho uKodwa.
Yize kukuhle ukungenelela kukahulumeni ukuzama ukubuyisana phakathi kweSafa nePSL kodwa kumqoka ukubala amabala ngoba iFifa eyengamele ibhola emhlabeni, ayihambisani nokugxambukela kwepolitiki yezombusazwe nezinkantolo ebholeni.