USENGENE ohlwini lwabadlali ababongwa ngamaqembu ngokunikwa imisebenzi, uSinethemba "Snebenebe" Ngidi osegixatshezwe yiTS Galaxy ngowokuba inhloli yabadlali yaleli qembu KwaZulu-Natal.
UNgidi (31) waKwaMashu, eThekwini, obedlala esiswini, wajoyina iThe Rockets ngo-2015, okuwunyaka eyasungulwa ngawo usihlalo, uTim Sukazi. Ngaleso sikhathi yayidlala kwiSafa ABC Motsepe League.
Ngenxa yobuqotho nokuba nezimpawu zokuba umholi, unikwe isikhundla sokuba ukaputeni.
Kusukela uNgidi esadlala kwiSuperSport lapho ekhulele khona noma esekwiGalaxy ubephinde abizelwe emaqenjini esizwe amancane.
Waqala kwelika-Under 12, 17, 20 nakwelika-Under 23.
Ngesizini ka-2018/19, uSukazi wathenga isitifiketi seCape Town All Stars sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship. IGalaxy yaqopha umlando ngale sizini yokuqala iba ngeyokuqala edlala kulesi sigaba ukunqoba inkomishi yeNedbank Cup.
Yashaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni owawuseMoses Mabhida Stadium.
Umnyakazo omuhle wasuka kuye uNgidi owanika ibhola uZakhele Lepasa abamshaya ebhokisini, unompempe wayibeka emlotheni.
Iphenathi yokunqoba yashaywa wuye uLepasa osedlala kwi-Orlando Pirates.
Ubengasekho kuleli qembu uNgidi uSukazi ethenga kwiHighlands Park isitifiketi sokuyibamba kwiDStv Premiership.
Engxoxweni abe nayo naleli phaphandaba, uthe uzizwa ebusisekile ngokunikwa lo msebenzi.
Uveze ukuthi uwunikwe ngoba kwayena uSukazi uyamazi ukuthi unehlo kubadlali.
"Kusukela iGalaxy isadlala kwiVodacom (ABC Motsepe) nakwiNational First Division (Motsepe Foundation) bengiyifunela abadlali. Yingakho uSukazi, KwaZulu-Natal, enikeze mina lo msebenzi. Angizingabazi nakancane, ngiyakwazi ukubona umdlali onekhono," kubeka uNgidi oveze nokuthi maduze uzoqala ukwenza izifundo zokuqeqesha.
Echaza ngomsebenzi omusha, uthe: "Ngisebenzisana nozakwethu bakwezinye izifundazwe. Senza inhlolokhono ezindaweni ezahlukene ezifundazweni bese sibahambisa kwiGalaxy abadlali abaphumelele. Siphakela iqembu kusukela kwizinkulisa.
Okwamanje sisasebenza eMpumalanga. Uma siqeda sizoya kwesinye isifundazwe.“
Uthe KwaZulu-Natal usathathe uMazwi Luthuli odlala esiswini, amhambise kwinkulisa yeGalaxy.
Kuyinto esijwayelekile ukuthi amaqembu ePremier Soccer League (PSL) anike imisebenzi abadlali abebewadlalela. Ukusho abambalwa, uTiyani Mabunda oseyinxusa kwiMamelodi Sundowns, Kennedy Mweene oseqale ukucija onozinti kuleli qembu. UMichael Manzini noSuprise Moriri abasezinkuliseni zaleli qembu. UDavid Mathebula, Arthur Zwane (Chiefs), Ayanda Dlamini owayengumdlali kuMaZulu, uke waliqeqesha leli qembu. Njengamanje uMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu bangamaphini omqeqeshi eqenjini labo lakudala, iLamontville Golden Arrows.
UNgidi uveze nokuthi kulo nyaka nabathile asebenzisana nabo, basungule inkulisa ebizwa ngokuthi i-Express Sports Academy. Ino-Under 17 no-Under 19. Uthe u-Under 17 uzodlala kwiSafa Durban Central Local Football Association (LFA), u-Under 19 ujoyine kwiPremier League khona kwiDurban Central. La maligi kulindeleke aqale ngo-Ephreli.