NAKUBA kumphathe kabi umdlali uCelimpilo " Zidane" Ngema weMarumo Gallants ukuthi bavumele iPyramids yashaya igoli lokulinganisa emdlalweni womlenze wokuqala we-quarterfinal yeCaf Confederation Cup kodwa ududuzwa ukuthi umlenze wesibili bazowudlalela phambi kwezihlobo nabangani babo.
IGallants iyona ebone kuqala ipali ngegoli likaRanga Chivaviro emdlalweni obuse e-30 June Stadium, e-Egypt, ebigcwele phama.
Ngabe inqobile ukuba iPyramids ayiyitholanga iphenathi eshaywe uRamadan Sobhi sekungezwe isikhathi sikanompempe.
IMarumo izoya kowesibili, eRoyal Bafokeng Stadium ivunwa igoli lasekuhambeni ngeSonto ngo-6 ntambama.
Ngeledlule Isolezwe libike ukuthi abadlali baleli qembu bebesabisa ngokungayi e-Egpyt bekhala ngokuthi usihlalo weqembu, u-Abram Sello akasayithi vu eyokubanika amabhonasi okungena kuma-quarterfinal.
Kubuzwa uNgema ukuthi bagcine bewatholile yini amabhonasi abo, unqabile ukuphawula wagcizelela ukuthi kuthintwe izikhulu zeqembu.
"Engikwaziyo ukuthi uma sewusenkundleni uyakhohlwa okuningi. Ulwela isithunzi sakho, eseqembu nesezwe lakho. Sidlale kahle kakhulu, umlenze wokuqala besingawunqoba noma ngamagoli amabili. Silinyazwe yile phenathi engene umdlalo sewufana nophelile. Akusasizi ukukhala, ziyenzeka lezi zinto ebholeni," kubeka uNgema.
Uthe balindele ukuthi umlenze wesibili ubenzima.
"Njengoba sikwazile ukushaya igoli ekuhambeni, nePyramids ingakwenza kuleli. Kuzoba umdlalo onzima, nokho kumele silwele ukuthi ingalishayi igoli. Sinawo amathuba okungena esigabeni sowandulela owamanqamu. Sizobe sidlalela ekhaya phambi kwabantu abasithandayo.“
Nakuba uNgema engafuni ukuphawula ngodaba lwamabhonasi kodwa Isolezwe lithole ukuthi uSello ubathembisile abadlali ukuthi uzobabhekela uma sekungene imali yokufinyelela kwabo kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
Umthombo uthe ngaphambi komdlalo lesi sikhulu sihlanganile nabadlali sabacela ukuthi babekezele.
Sikhale ngokuthi izindleko zokudlala kulo mqhudelwano zikhokhwa yiphakethe laso. Sithembise ngokubakhokhela uma iCaf seyiwufakile u-R6.49 million wokungena kuma-quarterfinal.
Kuthintwa uRufus Matsena okhulumela iGallants, uthe akakwazi ukuphawula ngalolu daba.