UBHOBOKA ngokusinda kwejezi laMaZulu FC, uCelimpilo Ngema, ofike eqenjini kubatshazwa amagalelo akhe eqenjini abelidlalela iMarumo Gallants, ikakhulukazi kwiCaf Confederation Cup abakhishwe kweyandulela owamanqamu kuyona, ngesizini edlule.
UNgema (25) oyibamba esiswini, usayine inkontileka yesibambiso naMaZulu ingakapheli isizini edlule lapho ebedlalela khona iGallants egencwe yizembe kwiDStv Premiership phezu kokwenza kahle kwiConfed Cup.
Yize iGallants yehlele kwiMotsepe Foundation Championship, uNgema ubengomunye wabadlali abebegqamile kuyona okufakazelwa wukuthi uqokwe kuyona waba ngumdlali ovelele wangesizini edlule.
Kuyona yonke imiqhudelwano, okuhlanganisa neCaf Confederation Cup ngesizini edlule, lo mdlali odabuka eMelmoth, ushayele iGallants amagoli ayisithupha wakhela ozakwabo amagoli amane.
Kusukela efikile kuMaZulu, uNgema ubengakawenzi umlingo abewenza kwiGallants okuyinto okunezimpawu zokuthi ayimhleli kahle.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba muva nje, ubelokhu ekuphinda ukuthi liyasinda ijezi loSuthu.
“AmaZulu akulona iqembu elikhulu KwaZulu Natal kuphela kepha kulona lonke izwe athathwa njengelinye lamaqembu amakhulu ebholeni lakuleli,” kusho uNgema.
“Okunye okwenza kungabi lula wukuthi ngifike eqenjini nesithunzi kumbe ngilandelwa yilokhu ebengikwenza ngisekwiGallants. Insila yokuba yingxenye yeqembu elidliwe izembe iyasala emqondweni.
“Kunzima kimina kodwa futhi kuyangisiza ukuthi ngiseqenjini elikuqondayo lokhu, elizimisele ngokungisiza ngakho konke ukuze ngizozizwa ngamukelekile.
“Kuwusizo nokuthi ngiseduze kwasekhaya ngoba noma yiluphi usizo engiludingayo sengiluthola eduze kwazise kunabantu bomndeni abaningi abazinze eThekwini.
“Inkulu ingcindezi ekudlaleleni AmaZulu kodwa iyaqonga uma ufika uwumdlali othwelwe ngeqoma. Angitatazeli kodwa futhi ngiyaqonda nokuthi isimo iqembu elikusona sizodlula,” kuthembisa uNgema.
Usonge ngokuncenga abalandeli ukuba bangadikibali kepha baqhubeke nokubeseka njalo ngoba bayabadinga.
“Siyazicelela kubalandeli bethu ukuthi bangaliphonsi manje ithawula ngathi ngoba lesi simo esikusona sizodlula, baphinde bajabule ngathi.
“Emiqhudelwaneni ebesiyidlala silungisela ukuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership, bekuyithina esiwaqhulula ukuwedlula wonke amanye amaqembu amagoli, ngakho-ke siyazi ukuthi siyakwazi ukuwavalela enethini kodwa kusenebhajana nje elingatheni nalo elizodlula,” kuphetha uNgema.
AmaZulu agcine ekwazile ukuthola igoli lawo lokuqala kwiligi (ngemuva kwemidlalo emine) ehlula iTS Galaxy ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium ngesonto eledlule.
Igoli lishaywe ngu-Augustine Kwem. Njengoba kuyiwa ekhefini lemidlalo yeFifa, kufanele lokhu kunike isikhathi esanele umqeqeshi uPablo Martin ukuqinisa lapho ebekuxega khona.
Usuthu seluyoze lubuyele ensimini ngoSepthemba 17 luvakashelwe yiCape Town City, eMabhida.