UKUBE bekuya ngokukanozinti weRoyal AM, uXolani Ngcobo, bebezotholana phezulu neKaizer Chiefs bengakayi ekhefini le Fifa.
IThwihli Thwahla kayiyiqalanga kahle isizini yeDStv Premiership ka-2023/24. Kowokuvula ibambane ngeqanda nomkhaya bayo AmaZulu. Ilandele ngokushaywa i-Orlando Pirates ngo-4-2 neStellenbosch ngo-3-1.
Ngemuva kwale midlalo ivuke yazithintitha ishaya iTS Galaxy ngo-1-0 ekhaya, eHarry Gwala Stadium neChippa United ngo-3-2 ekuhambeni eNelson Mandela Bay Stadium. Kwemibili yokuqala ezintini zayo bekunoMondli Mpotho.
Kusukela koweStellies kuya koweChippa bekuvimbe uNgcobo. NgoMgqibelo, ngo-5.30 ntambama, ezikaNgcobo zizovakashela iKaizer Chiefs, eFNB Stadium.
Kuzoba umdlalo ofana nowamagqubu kwazise ngesizini edlule Amakhosi awashise iRoyal AM ijezi kuma-quarterfinal eNedbank Cup.
Kweyeligi, emlenzeni wokuqala iThwihli Thwahla yadlula ngo-1-0. Kowesibili iChiefs yabuyisa izinduku inqoba ngo-2-0.
UNgcobo uthe ukuba bekuya ngaye bebezotholana neChiefs besasibambile isigqi sokunqoba.
"Yebo lisisize kakhulu ikhefu ukuthi siqinise amabhawodi axegayo. Nakuba kunjalo bengifisa sidlale nayo ngaphambi kwaleli khefu. Siye kulo sishisa singabaselwe. Nasekhempini ubuzizwela nje ukuthi sisemuzweni wokunqoba. Kule midlalo emibili esiyinqobile siyishintshe kakhulu indlela esidlala ngayo. Angiqondile ukuthi sizoya kwiChiefs sesipholile kodwa bekuyisifiso sami ukuthi sidlale nayo sisashisa bhe. Okuhle ngokudlala neqembu elifana neChiefs ukuthi abaqeqeshi abadingi ukugqugquzela abadlali, bayakwazi okumele bakwenze. Kuzoba umdlalo olukhuni futhi ozoba nzima. NeChiefs iye ekhefini ishaya kwasani," kubeka uNgcobo.
IChiefs kwegcine ukuwudlala ibambane neMamelodi Sundowns ngo-1-1 emlenzeni wokuqala weMTN8. Kweyeligi egcine ngawo ishaye iStellenbosch ngo-2-0 noSuthu ngo-3-0.
UNgcobo uqhube wathi kuyamjabulisa ukuthi kule midlalo abayinqobile bekuvimbe yena.
"Isifiso sami kule sizini ukuba nesibalo semidlalo eminingi engingangenelwanga amagoli kuyo. Lokhu kungenzeka uma sizozihlela kahle. Kumele sikuqale ngayo iChiefs. Angifuni ukungasho, ngijabule ngendlela esidlala ngayo kamuva. Ngifisa siqhubeke nokubamba lo mgqigqo. Akubanga mnandi neze ukuyiqala kabi isizini. Sishaywe izinto ezincane engicabanga ukuthi sizokwazi ukuzilungisa," kusho uNgcobo.
Kwi-log yeDStv Premiership, womabili la maqembu abambene ngamaphuzu ayisikhombisa. IChiefs isendaweni yesihlanu, iRoyal AM ikleliswe kweyesishiyagalolunye.