AKAKUFIHLI ukuthi uyigaqele indebe yeCarling Black Label Knockout umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Fanco Martin ofake leli qembu kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano.
AmaZulu adlulele kulesi sigaba ngemuva kokuxebula ngo 3-0 omkhaya baKwaZulu-Natal (KZN), iLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
NgokukaCijimpi okuyigama okuteketiswa ngalo uMartin, konke aphupha ngakho kwenzekile kulo mdlalo lapho iqembu lakhe lizisondeze khona nokuqeda indlala yeminyaka yezinkomishi. Ukuvunywa inhlanhla yamagoli nokuvuleka kwethuba lokuzwa isikimu esikhulu kubadlali abasuka ezinkulisa zoSuthu, yilokho okuchaze uCijimpi.
UJunior Dion ohambe nesheke likaR100 000 kulandela ukuqokwa kwakhe njengomdlali ovelele osukwini, uwavalele enethini amathuba okuqala amathathu awele kuleli qembu okuyilona ebelisekhaya, kwaphinde kwabonakala okokuqala esikimini esikhulu uSiyanda Hlangabeza, ongene esiwombeni sesibili.
"Cishe konke ebengingafisa ukuthi kwenzeke kulo mdlalo kwenzekile ngakho-ke ngijabule yize ngiwumuntu okuthi noma kukuhle ngiqhubeke ngibheke lapho singakhula khona njengeqembu,“ kusho uCijimpi ngemuva komdlalo.
"Iqiniso ukuthi sijwayele ukudlala ngale ndlela kodwa okuhlukile kulokhu ukuthi asizange sihluleke ukufaka ibhola enethini njengakweminye imidlalo.
"Emuva besifana nokhonkolo kodwa esiwombeni sesibili angizange ngijabule kangako ngoba sinike i-Arrows amathuba amaningi okuthola amagoli," kuqhuba yena.
Kuyamkitaza lo mqeqeshi waseSpain ukulokhu ewaphule njalo amarekhodi kusukela efikile Osuthwini.
"Sinqobe kwi-Arrows okuyinto osekunesikhathi bayigcina abalandeli boSuthu. Sikhiphe iChiefs (Kaizer) emqhudelwaneni okuyinto ebiqala ngqa ukwenzeka emlandweni weqembu. Uma nifuna ukwazi ukuthi ngiyibhekile le nkomishi, kuyiqiniso ngiyibheke ngabomvu njengawo womane amaqembu asele.
"Wonke la maqembu asele anzima futhi ngeke ngiwayele ngobuso ngoba ngibuswa ukuthi awasekho lawa athathwa njengamakhulu ngoba wona la maqembu alindele ukuqhathwa kowandulela amanqamu, ake awashaye lawa athathwa njengasatshwayo kwesinye isikhathi," kusho lo mqeqeshi ekhuluma ngeChiefs, Sundowns, Orlando Pirates neSuperSport United, bonke abangasekho kulo mqhudelwano ohamba nentshontsho likaR6.8 million kumpetha.
UMartin ubuye waqinisekisa ukuthi uhlehliselwe usuku angalwazi umdlalo wabo weDStv Premiership neMamelodi Sundowns.
Lo mdlalo obekumele ube kusasa eMabhida, uhlehle ngenxa yokuthi iSundowns imatasa nowamanqamu we-African Football League (AFL) neWydad Atletic Casablanca yaseMorocco. I’Downs idlale umlenze wokuqala wamanqamu neWydad izolo ebusuku ekuhambeni. Umlenze wesibili ungoMgqibelo kuleli.