ISETHENJWA seLamontville Golden Arrows, uVelemseni Ndwandwe, sifaka inselelo emaqenjini aKwaZulu-Natal ukuba ayeke ukuzeya kodwa azibone enganqoba noma yiluphi uhlobo lwenkomishi.
UNdwandwe ukhuluma kanjena nje , ezakhe kwiDStv Premiership zisendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-20, emidlalweni eyisishiyagalolunye.
I-Arrows ibuye ibe ngelinye lamaqembu azodlala kuma-quarterfinal eCarling Black Label Knockout.
Namhlanje izoqhuthana nomkhaya baKwaZulu-Natal, AmaZulu FC ngo-7 ebusuku eMoses Mabhida Stadium.
Lo mdlalo uzobhulelwa amazolo ngoweRichards Bay ne-Orlando Pirates, ngo-3 ntambama, enkundleni efanayo.
Emaqenjini aseKZN kwagcina ngayo i-Arrows ukunqoba inkomishi yeMTN8, ngo-2009.
WuSuthu olugcine ukufinyelela kowamanqamu ngesizini edlule. Luphucwe iqatha emlonyeni eZimnyama kweyeMTN8. UNdwandwe akashonanga ezintangeni, ulibeke ngembaba elokuthi bayifuna eLamontville inkomishi yeCarling.
Ukusho wangahloniza nokuthi bazosilwela nesicoco seligi. Uma behluleka bafuna ukuqeda endaweni ehloniphekile.
"Angazi ukuthi lo mkhuba wokuzeya kwethu KwaZulu-Natal wangena kanjani emiqondweni yethu. Sinabadlali abanethalente. Ubufakazi balokho bagcwele umhlaba wonke. Sesifikile isikhathi sokushintsha imiqondo yethu. Nathi kumele sizibone singakwazi ukunqoba izinto ezinkulu. Lokhu kungaba nomthelela omuhle ekuthuthukeni kwebhola lethu. Isizukulwane esizayo kumele sikhule sazi ukuthi lesi sifundazwe singabanqobi," kubeka uNdwandwe ocijwe ezinkulisa zaBafana Be'sthende. Uveze nokuthi impumelelo yakamuva iyizithelo zokudlala isikhathi eside ndawonye kwabadlali be-Arrows.
Abadlali abanjengaye uNdwandwe, Thabani Zuke, Nduduzo Sibiya, Nkosingiphile Gumede nabanye banqobe izinkomishi zeDStv Diski Challenge eminyakeni edlule ngaphansi kukaVusumzi " Kanu" Vilakazi osekwiChippa United.
I-Arrows iphinde icijwe uMabhuti Khenyeza olazi lonke usikompilo lwayo njengoba edlale isikhathi eside kuyo. Ngesikhathi kuhamba uVilakazi obebambisene naye uKhenyeza, bekunovalo lokuthi inqola ingase iphume esipolweni.
"Njengabadlali abadala eqenjini sekumele sibonge abaphathi nabalandeli ngokuthi sibanqobele izinkomishi. Kumasizini edlule sikwazile ukufinyelela emidlalweni emibili noma emithathu eyandulela eyamanqamu. Sizophusha kakhulu kunakuqala,“ kusho uNdwandwe.
Lo mdlali uphinde waphakamisa ukuthi bengabadlali be-Arrows naMaZulu kumele babhukule kakhulu kunakuqala ukuze umdlalo wabo womkhaya ube sohlwini lwedonsa amehlo omhlaba.