IPHINI lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, liphakamisa ukuthi onompempe bePremier Soccer League (PSL) banikwe ithuba lokuchaza ngezinqumo zabo ngemuva kwemidlalo.
UNcikazi uzithole sekufanele akhulume nabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe ne-All Stars kwiNedbank Cup Last 32 ngempelasonto.
Umqeqeshi uJose Riveiro ukhishwe ngekhadi elibomvu ngunompempe uXola Sitela ngenxa yokuthize akushilo esebhentshini. UNcikazi uthe akakuzwanga okushiwo nguRiveiro okuholele ekutheni umdlalo uphele esewubuka nabalandeli.
Kwenzeka lokhu nje, sikhulu isililo kubaqeqeshi bamaqembu ahlukene ngendlela onompempe abadlalisa ngayo.
UNcikazi ukholwa wukuthi onompempe kufanele banikwe ithuba lokuchaza izinqumo zabo. Lokhu sekuyenziwa kwiligi yaseGermany nakweyaseSpain.
"Ngiyibonile leyo nto asebeyisungulile kodwa kufanele (eMzansi) kuqale iVAR. Emuva kwalokho, kulandele ukuthi unompempe achaze ngesinqumo sakhe kubalandeli ukuze bezozwa,“ kusho uNcikazi.
“Nginesiqiniseko sokuthi kuzonciphisa ukudideka nokucabangela esihlala sinakho ngezinqumo zonompempe.
“Kuzophinde kwenze unompempe abhekane nesinqumo asenzile. Kodwa akuqale iVAR. Ngicabanga ukuthi izoyisiza iligi yethu.”
Ukhuluma kanjena nje uNcikazi, ngempelasonto umqeqeshi wePretoria Callies, uKwanele Kopo, ubebhodla umlilo ngokwenzelwa phansi ngunompempe ngesikhathi behlulwa yiLamontville Golden Arrows koweNedbank eThekwini.
Usabise ngokuthi ucabanga ukuliyeka ibhola ngoba onompempe baphuma naye iqhubu futhi bayamesabisa ngisho emidlalweni yeligi yeMotsepe Foundation Championship.
Umqeqeshi waMaZulu, uRomain Folz ukhale esifanayo emuva komdlalo neTornado abagcine bewuwine ngo-3-2 bekade behamba phambili ngo-3-0. Uthe isiwukhondolo eyokubanjwa kwabo inkunzi.
UNcikazi uzohola ibhentshi sebebhekene neMaritzburg United koweligi ngoLwesihlanu.
"IPirates kufanele iphindele endaweni yayo. IPirates kumele idlale kwiChampionshions League. IPirates iwina izindebe. Yileyo inselelo esibhekene nayo esizama ukuyilungisa," kusho uNcikazi.