XOLILE MPISANE
UNOZINTI weMamelodi Sundowns osemnkantshubomvu, uKennedy Mweene, useqalile ukulungiselela igxathu elilandelayo azolithatha uma esewagaxe emgibeni njengoba enikwe izintambo zokucija onozinti baleli qembu okwesikhashana.
UMweene (38) ubehlezi ebhentshini nethimba labaqeqeshi bamaBrazilians ngesikhathi edla i-Orlando Pirates ngo 1-0 koweligi ngoMgqibelo.
Uqokwe njengebamba lomqeqeshi wonozinti ngenxa yokuthi ophethe lesi sikhundla, uWendell Robinson, wathola ikhadi elibomvu ngesikhathi bedlala neSekhukhune United.
UMweene ulizwa ngendaba ijezi kumaSandawana kule sizini selokhu kwafika uRonwen Williams. Uma kungaqalanga lo nozinti weBafana Bafana kusetshenziswa uDenis Onyango.
Oyinhloko yabaqeqeshi kwiSundowns, uRhulani Mokwena, uthi nakuba lo uMweene esengumdlali kodwa useqalile ukulungiselela isinyathelo esilandelayo.
"Useqalile ukungena endimeni yokuba ngumqeqeshi wonozinti futhi sicabanga ukuthi kuzogcina kuyinto ayenza isikhathi eside. Uzokwenza izifundo zakhe zokuqeqesha maduze nje, usanda kufaka isicelo," kusho uMokwena.
“Kuyingxenye yokuqhubekela phambili empilweni uma usuka ekudlaleni bese uba nentshisekelo enkulu yokubamba iqhaza ekuqeqesheni. UKennedy unjalo.
"Ulenzele lukhulu leli qembu kanye nebhola laseNingizimu Afrika. Unesipiliyoni esimangalisayo, usenqobe iCaf Champions League ne-Africa Cup of Nations. Iqembu lizohlomula kakhulu uma simthatha simfaka ethimbeni labaqeqeshi.
“Mhlawumbe ukungena kwakhe kuphuthunyiswe wukuthi umqeqeshi uWendell uthole ikhadi elibomvu kodwa uNkulunkulu usebenza ngendlela engaqondakali. Uyawaveza amathuba noma thina sizibona singakawalungeli.
“U-Kennedy wenze kakhulu futhi ngiyamhalalisela ngokuwina umdlalo wakhe wokuqala ehlezi ebhentshini njengomqeqeshi wonozinti, yize kusayinto yesikhashana. Ngiyalibonga igalelo lakhe alifake eqenjini ukuze sinqobe umdlalo.”
ISundowns izobhekana neRichards Bay koweNedbank Cup kusasa ebusuku ngaphambi kokuthi idlale imidlalo emithathu yeCaf Champions League ne-Al Hilal, Coton Sport ne-Al Ahly.