UCACISA ngomsebenzi wakhe kwiMamelodi Sundowns unozinti waleli qembu, uKennedy Mweene, okuvumbuke imibuzo eminingi ngaye emasontweni edlule ebonakala ehleli ebhentshini nethimba labaqeqeshi.
Okuqubule imibuzo ngesimo sikaMweene (38) wukunyuselwa ebhentshini njengomqeqeshi wonozinti ekubeni esabhaliswe njengomdlali.
Uvezile umqeqeshi wakhe, uRhulani Mokwena, ukuthi umcelile ukuba azobamba isikhala esivuleke ngokuthola ikhadi elibomvu kukaWendell Robinson ophethe lesi sikhundla.
Ubengakaze aphawule uMweene ngakho konke lokhu kwazise uthi ecija onozinti ngapha ebe ebanga ijezi noDenis Onyango, Reyad Pieterse noRonwen Williams okunguye ohamba phambili.
Ivula isifuba okokuqala ngalokhu le nsephe kanozinti, enqobe iCaf Africa Cup of Nations ngo-2012 neZambia, ithe: “Akubanga nzima ngiqala ukuhlala ebhentshini njengomqeqeshi wonozinti, ikakhulukazi ngoba bengizungezwe ngabantu engibajwayele.
“Ngilijabulele leli thuba ngoba ngicelwe nguye ngqo umqeqeshi, uRhulani (uMokwena). Lokho kwandise imibuzo kodwa okwamanje ngisengumdlali.
“Ngaphezu kwalokho, selokhu kwaba yiphupho lami elidala ukuba ngumlolongi wonozinti, kungesikho nje eqenjini kodwa sengisho naseqenjini lami lesizwe.
“Ezweni lami sikhulu isililo ngokushoda konozinti. Iningi lonozinti lithi uma liwagaxa emgibeni, lingene ekuqeqesheni njengezinhloko kunokugxila ekuphekeni nasethuthukiseni onozinti abasebancane. Yinto engifisa nabanye onozinti bayiqaphele leyo.”
Indaba enkulu kodwa ibisamile ekutheni umelana kanjani ukubanga ijezi asebelincintelwe nguWilliams beno-Onyango nokuba ngumqeqeshi wabantu abanga nabo.
“Sinombango omuhle wejezi kwiSundowns futhi-ke mina akusensuku zatshwala ngiwagaxe emgibeni. Kumqoka ukuba nomuntu ozoqhubeka nomsebenzi esiwenzile (ebhekise kuWilliams),” kusho uMweene.
Okunye okuvezwe yilo nozinti wukuthi ulindele ukufunda lukhulu kuMichael Loftman ngokuvimba ama-setpiece nakholwa wukuthi uzokusebenzisa ngomuso.
ULoftman wethulwe ngesonto eledlule njengencushe ezopheka abadlali beSundowns ekunembeni amabhola abawajajelwe ngunondweba.
Omunye oke waba ngunozinti nomqeqeshi ngesikhathi esifanayo, yinkakha yeBafana Bafana, u-Andre Arendse esekwiBidvest Wits.