INSIKA yeRichards Bay, uSiphamandla "Spepe" Mtolo, idalula isizathu sokugqoza kwemiphumela emidlalweni yakamuva yeqembu.
IBay iqale isizini yeDStv Premiership ngegiya eliphezulu emuva kokuwina iligi yeMotsepe Foundation Championship. Yethuse abaningi ngesikhathi ibalwa namaqembu aphezulu kwi-log. Nokho selokhu kuqale unyaka u-2023, izinto ziyayiphika iNatal Rich Boys.
Emidlalweni eyisikhombisa yeligi, isawine kanye. Ikhale ngaphansi kwiMamelodi Sundowns emdlalweni weNedbank Cup Last 32.
UMtolo, okuqale isizini elimele, uthi kufanele babhukule kakhulu kunakuqala uma befuna ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu.
"Izinto azihambi kahle kodwa sizozama ukulungisa. Isizini siyiqale kahle kodwa manje amaqembu aseyasazi ukuthi sidlala kanjani. Aseqhamuka namaqhinga okusivimba. Yikho imiphumela ingasivumi okwamanje. Ekuqaleni kwesizini amaqembu abengayazi iRichards Bay, nathi sikusebenzise kahle lokho. Manje sekufanele sibhukule futhi senyuse izinga. Uma kuwukuthi besisebenza ngokuphindwe kabili, sekufanele sisebenze ngokuphindwe kathathu," kuchaza uMtolo.
Ekuqaleni kwesizini usihlalo weRich Boys, uSifiso"Jomo" Biyela, udalule ukuthi ufuna ezakhe zisheshe zihlanganise amaphuzu angu-30 ukuze ziphephe ezembeni ngokushesha. Kumanje basendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-31.
IBay izokwamukela iKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, emdlalweni wePremiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Amakhosi ashayela phezulu ngemva kokwehlula izimbangi i-Orlando Pirates, emdlalweni womkhaya ngempelasonto edlule. IBay igcine ukuqoqa amaphuzu agcwele ngesikhathi yehlula iMarumo Gallants koweligi ngoJanuwari 14. Amaphuzu abalulekile kuwona womabili amaqembu njengoba ebambene ngawu-31, ozothola amaphuzu agcwele angathula ithuba lokunyuka kwi-log. IChiefs ibambe indawo yesihlanu.
"Inhloso yethu wukubuyisa izinduku kuwona wonke amaqembu athathe amaphuzu kithina emzuliswaneni wokuqala. IChiefs ngelinye lalawo maqembu kwazise isehlule ngo 1-0 eMabhida, emdlalweni wokuqala wesizini. Into okufanele siyenze wukubhukula sisebenze kanzima ukuze sizothola amaphuzu. Sisenalo ithuba lokufeza isifiso seqembu sokuqeda kwi-Top 8," kusho uMtolo.