SIBUSISO MDLALOSE
KUSEZANDLENI zosomabhizinisi abanothando lokufaka imali ebholeni ukuvuka kwamaqembu aKwaZulu-Natal ayedlala kwiPremier Soccer League (PSL) eminyakeni edlule, asashabalala ebholeni elikhokhelayo.
Lowo ngumbono kaWelcome Mfaniseni "Mshini" Mazibuko owayeyinjini yasesiswini emaqenjini, okubalwa kuwo i-African Wanderers neManning Rangers eminyakeni edlule, womabili okungamaqembu angasekho esigabeni esikhokhelayo.
Ngaphandle kweWanderers neRangers, amanye amaqembu aseKZN anomlando agcina enyamalala unomphela, kubalwa kuwona iDurban Bush Bucks, neDurban City.
IWanderers neBucks okungamaqembu ebhola amadala ebholeni laseMzansi, eminyakeni edlule akhiqiza inqwaba yezihlabani zebhola ezinye zazo ezazakhela igama ebholeni lakuleli nasemazweni ase-Europe.
Phakathi kwazo kubalwa uMlungisi "Professor" Ngubane, Calvin "Mkhonto" Petersen, Henry "Mthofi" Khumalo, uMoren "Samora" Khulu, Sibusiso "Rhee" Zuma, noSiyabonga "Bhele" Nomvethe ukubalwa abambalwa.
"Ngingakujabulela ukubona okungenani elilodwa lamaqembu akithi anommlando ebholeni livuka, libuyela esigabeni esikhokhelayo njengoba sike sawabona amanye amaqembu evuswa, njengeHighlands Park.
Empeleni akukhona ukuthi wonke la maqembu asanyamalala esigabeni esikhulu sePSL awasekho nhlobo ebholeni.
IManning Rangers isekhona eChatsworth, idlala kwiSAB Regional League, kanjalo ne-African Wanderers nayo isekhona idlala kwiSAB League, iphethwe nguManqoba Mkhize.
Noma kubukeka kungaselula ukuthi la maqembu abuye ebholeni elikhokhelayo, kodwa ngicabanga ukuthi uma engathola osomabhizinisi abanothando lwebhola abangafaka imali ekuwafukuleni la maqembu, angakwazi ukubuya," kusho uMazibuko.
Empeleni amaqembu aKwaZulu-Natal anomlando omubi wokuphuma engena esigabeni sePremiership, okugcina kuholele ekufadalaleni kwawo, okuyinto esike yenzeka nakuMaZulu FC, agcina etakulwe nguDkt Patrick Sokhela eselengela eweni.
USokhela wagcina elidayisela impunyela yaseMlaza, uSandile Zungu, Usuthu ngo-2020, osekubukeka kunozinzo olukhulu kuleli qembu elidlale owamanqamu weMTN 8 ne-Orlando Pirates muva nje, okumanje libalwa namaqembu ayisikhombisa aphezulu kwi-log yePremiership.