UMQEQESHI weqembu lesizwe eNingizimu Afrika, iBafana Bafana, uHugo Broos, ubona iqembu lakhe selikulungele ukubhekana neLiberia ngoMashi wonyaka ozayo kwemibili ezohlahla indlela ngezifiso zeqembu lakhe zokuba ingxenye ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2024, e-Ivory Coast.
UBroos ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ngeSonto ngaphambi kokusonga ikhempu yokugcina yalo nyaka lapho benqobe khona kwiMozambique, badlala ngokulingana ne-Angola kwemibili yobungani eMbombela Stadium.
Lo mqeqeshi useyoze ahlangane nabadlali bakhe sebezolungisela umdlalo wokuhlungela i-Afcon kuGroup K, neLiberia ozokuba kuleli ngoMashi 20.
Bekumele iBafana idlale neZimbabwe ezinsukwini ezintathu kwenzeke lokho kodwa izobe isibhekisa amabombo eLiberia lapho izobhekana khona naleli lizwe ngoMashi 28.
IZimbabwe ayisekho kule midlalo ngenxa yokuthi inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, igwebe usoseshini wakuleliya lizwe ngokugxambukela kukahulumeni ezindabeni zawo.
IBafana idinga ukubalwa namaqembu amabili kuleli qoqo ukuze ibe semaqenjini azoya kwi-Afcon. Lokho ingakwenza ngokuthi okungenani ithole amaphuzu amane kwiLiberia.
Elakuleli lahlulwa yiMorocco emdlalweni wokuqala wokuhlunga.
“Sidlale kahle ngayo yonke indlela ongayicabanga kule midlalo emibili ebesibhekene kuyona namaqembu amabili anzima,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba emuva kokubambana ne-Angola ngo-1-1 wegoli likaZakhele Lepasa.
“Sakhe amathuba ngendlela enganelisayo okuyinto ebisihlula emidlalweni yaphambilini. Indlela esidlale ngayo yenza ngibone sesikulungele ukubhekana nemidlalo yangoMashi kodwa konke lokhu kulele ekutheni ngeke silehlise izinga esidlale ngalo kule midlalo edlule (okuhlanganisa neyeSierra Leone neBotswana).”
UBroos uphinde wagadla kwiPremier Soccer League (PSL) ngokuba sezingeni eliphansi.
“Ngiyazi ukuthi isike yakhulunywa le ndaba futhi yabacasula abaningi kodwa kubalulekile ukuthi likhuphuke izinga kwiPSL.
“Kucacile esiwombeni sesibili ukuthi abadlali bethu bese bekhathele. Lokhu kukhomba into eyodwa. Abekho qatha ngokwanele ukumelana nemidlalo yamazwe.
“I-Angola ikhombisile ukuthi iqinile kunathi ngakho-ke mina akukho engingasiza ngakho abadlali ngoba ngibabona amahlandla amahlanu ngonyaka. Kusona sonke lesi sikhathi iningi labo lidlala imidlalo yePSL,” kulandisa uBroos.