OMUNYE wabaqeqeshi beRoyal AM, uKhabo Zondo, ucacise ngokubonakala ebhentshini kukasihlalo weqembu, u-Andile Mpisane, ngesikhathi lisuswa yiRichards Bay FC esicongweni seDStv Premiership ngoLwesibili ntambama, eChatsworth Stadium, eThekwini.
IRichards Bay ibuyele esicongweni kwi-log ngokunqoba ngo-1-0, ngegoli likaLuvuyo Memela, alishaye esiwombeni sokuqala somdlalo.
Kumangazile ukubona igama likaMpisane kwabebesebhentshini leRoyal AM kwazise bekungaziwa nokuthi ubhalisiwe njengomdlali kwiPremier Soccer League (PSL).
UMpisane (21) ujwayele ukubonakala enkundleni eswenke econsa ehleli nabalandeli kanye nomama wakhe, uShauwn Mkhize, ongumnikazi weThwihli Thwahla.
Ngemuva komdlalo osekungumlando ukuthi ugcine engazange angene enkundleni kuwona uMpisane, omunye wabaqeqeshi baleli qembu, uZondo, unabele abezindaba ngokubonakala kukalo sihlalo ebhentshini kwazise bekungalindelekile.
“Simatasa sisebenza indaba kasihlalo (Mpisane) ukuthi abe sesimeni esifanele ukuba azihlanganise neqembu ngoba uyingxenye yalo njengomdlali,” kusho uZondo.
“Usebenza ngokukhulu ukuzikhandla ngakho-ke le bekuyindlela yokumkhuthaza ukuthi akaqhubeke nokuzimisela nangokukhombisa ukuzimisela ngekusasa lakhe njengomdlali.”
Kuzwakale sengathi akayithathi kahle imibuzo ebikhomba ukuthi kubukeka sengathi kukhona okubaphoqayo bengabaqeqeshi ukuthi basondeze uMpisane eqenjini ngoba isimo abukeka ekuso, asikhombisi ukuthi ukulungele ukudlala ibhola esigabeni esikhokhelayo.
“Angisiboni isidingo sokuqagela ukuthi yini eyenza uMpisane asondelane neqembu noma isimo sakhe sinjani kodwa asilinde sizibonele thina uma sekufike isikhathi ukuthi uwuhloboluni lomdlali, nokuthi kumfanele yini ukuba yingxenye yeqembu?” kusho uZondo.
UMpisane ugcine ukudlalela leli qembu lisagijima esigabeni esiphakela esikhulu ngesizini ka-2018/2019.