SESIGXILE ekusizeni iqembu lisuke endaweni ebucayi kwi-log yeDStv Premiership isitobha saMaZulu FC, uRamahlwe Mphahlele, kulandela ukubuyiselwa kwaso kuleli qembu ekubeni kwakumenyezelwe ukuthi sesidedelwe.
Ngenyanga edlule Usuthu luveze ukuthi uMphahlele (33) nomdlali wasesiswini, uKeagan Buchanan, bebengasekho ezinhlelweni zobengumqeqeshi, uRomain Folz.
Zijikile izinto ngesikhathi uFolz ephucwa izintambo, zinikwa u-Ayanda Dlamini, njengoba lo mqeqeshi oyibamba ekhethe ukubabuyisa laba badlali. Bobabili bawuqalile umdlalo ngesikhathi Usuthu luthelwa phansi yiSuperSport United ngo-2-1 ngempelasonto edlule.
UMphahlele, oseke wagijima kwiMoroka Swallows, Mamelodi Sundowns neKaizer Chiefs, uthe ngeke kusize ukukhuluma ngosekudlulile njengoba iqembu selibalwa nalawa alwela ukugwema ukugawulwa yizembe.
“Ngingumdlali okhokhelwayo, ngenza umsebenzi wami. Ngiyakuholela ukudlala ibhola yingakho ngingakaze ngikhulume ngalutho. Into engiyenzayo nengiyifunayo ukudlala ibhola. Angifuni ukuphawula ngokuthi ubani wenzani noma ubani wathini. Okwami wukudlala futhi yilokho engihlose ukukwenza uma ngiyingxenye yaMaZulu,” kusho uMphahlele.
“Sonke sibalulekile. UKeagan ubalulekile, ngingabala nabo bonke abadlali abebedlala eqenjini. Bengidlala ngisho uRomain esekhona okusho ukuthi bengiyilungu elibalulekile leqembu. Ngikholwa wukuthi ngingalisiza iqembu futhi yilokho engizokwenza. Konke kusemahlombe ami nozakwethu. Kukhona izinto ongeke ukwazi ukuzilawula kodwa kufanele ulawule lokho okwaziyo ukukulawula.
“Ngibambelele kulowo mbono selokhu ngaqala ukudlala ibhola. Angithandi ukubanga umsindo, ngiyakwazi ukuzinuka amakhwapha ngizibuze ukuthi ngabe kukhona yini engikwenzile okungalungile. Uma sengiyitholile impendulo, ngiyakwazi ukuthatha isinqumo.
“Lezi yizimo ezifikayo. Kwesinye isikhathi kumele uhlehle, ubone ukuthi kuzokwenzekani. Ngiyethemba ukuthi sizolithola elinye ithuba lokukhuluma kabanzi ngalokhu kodwa okwamanje kufanele kugxilwe ekusizeni iqembu ukuze lifinyelele endaweni engcono kwi-log.”
Ukugqoza kwemiphumela emihle kuMaZulu sekholele ekutheni azithole engaphandle kweTop 8 njengoba eselele endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-26. Ahlukaniswe amaphuzu amane kuphela neqembu elisemsileni, iMaritzburg United (edlale neSwallows izolo ebusuku).
Angazinika ithuba lokuphefumula uma engaqoqa amaphuzu aphelele uma esebhekene neSekhukhune United eMoses Mabhida Stadium kusasa ngo-8 ebusuku.
“Iqiniso esibhekene nalo wukuthi asikho esimeni esihle. Asikhululekile kwi-log futhi siyawadinga amaphuzu. Ingxoxo esinayo eqenjini wukuthi kumele sibambane, sikhohlwe okudlulile. Okuningi okuholele ekutheni sibe lapha esikhona manje yizinto esingeke sikwazi ukuzilawula. Yizinkinga okumele zilungiswe ngabaphathi,” kusho uMphahlele.
“Sigxile ekudlaleni ibhola nokuthola imiphumela. Umqeqeshi, u-Ayanda, ugcizelela ukuthi sehlise umoya sigxile emdlalweni ngamunye, sizama ukwenza lokho. Abadlali abakhona eqenjini kuseyibona laba abenze kahle ngasekuqaleni kwesizini kodwa siyavuma ukuthi kukhona lapho esilenzele phansi khona iqembu.
“Sihluliwe emdlalweni odlule neSuperSport ngakho sibheke ukubuyisa isithunzi sethu. Ngeke kube lula ukubhekana neqembu eliqinile leSekhukhune United ngoba lenza kahle njengamanje. Bacijwa ngumqeqeshi wethu wakudala (uBrandon Truter), osazi kahle. Kuzodingeka sidlale ezingeni eliphezulu kakhulu ngoMgqibelo.”
ISekhukhune izoya kulo mdlalo izethemba ngemuva kokuguqisa iKaizer Chiefs ngo-1-0 emdlalweni wayo odlule. Ukunqoba kubeke iBabina Noko endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-35 emidlalweni engu-26.
Ngesikhathi la maqembu ebhekene ePolokwane ngoDisemba 31 umdlalo waphela zibambene ngo-0-0.