UCELE isipho samaphuzu nezindondo eqenjini lakhe ngesikhathi egubha usuku lakhe lokuzalwa usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung.
UMotaung (79) ubungazwe yiqembu ngoMsombuluko lapho echaze khona ngohambo aseluhambile nalo kusukela lasungulwa ngo-1970. Leli qembu ebelidume ngokuqoqa izindebe, sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili linganqobi isicoco.
“Akubalulekile ukugxila kulokhu engikuzuzile noma engikwenzile, okumqoka yilokhu esikwenze ngokuhlanganyela ngoba kangikhohlwa ukuthi sasibaningi ngesikhathi kusungulwa leli qembu. Baningi abaklama indima enkulu. Ngakho-ke ngihlala ngibonga, ngikhumbula ukuthi ukuze umuntu aphumelele kumele azi lapho ephuma khona,” kusho uMotaung emcimbini obuvezwa bukhoma ekhasini leqembu le-Facebook ngoMsombuluko.
“Kube wuhambo olunzima kakhulu. Ngesikhathi siqala leli qembu iningi lalicabanga ukuthi laba bafana bayadlala. Ngenxa yokuzinikela sagcina siphumelele. Bekungelula, njengoba ngishilo. Besibhekana nezingqinamba kodwa siphinde sidlule kuzona. Ngakho siyaziqhenya ngokuba lapha.
“Kukhona okushiwoyo ngokuthi ngingumuntu onamandla. Ngikubona kuyiqiniso lokho kodwa uma nifuna ukungigcina ngiqinile kunenselelo enginiphonsela yona. Kufanele niwine imidlalo. Kufanele siqine njengeqembu. Sidinga ukunqoba izicoco.
“Sidinga ukubuyisa usiko lokunqoba kwiKaizer Chiefs. Ngiyaziqhenya ngani nonke, ngisho nabadlali abancane ngiyababona. Abazi ukuthi ikusasa libaphatheleni kodwa uma besebenza ngokuzinikela bazowafeza amaphupho abo. Angikhulumi ngokusebenza kanzima kuphela uma kukhona abaqeqeshi kodwa noma umdlali ngamunye eseyedwa.”
UMotaung wenze isibonelo ngoCristiano Ronaldo (38) osaqhubeka nokuhlohlela iqembu lakhe laseSaudi Arabia, i-Al Nassr, nelesizwe iPortugal, amagoli yize eseneminyaka aqala ukudlala ibhola elikhokhelayo.
“Uma ubona uRonaldo eqhubeka nokugila izimanga namuhla kungenxa yezinto aqala ukuzenza esemncane. Awukwazi ukuzilolonga neqembu bese ucabanga ukuthi kwanele lokho. Ngizama ukuneluleka, ikakhulukazi abadlali abasebancane.
“Awukwazi ukuvuka ngoMgqibelo usufuna ukushaya ingcwenga yegoli ekubeni ungazange uzihluphe ngokuzijwayeza phakathi nesonto. Engizama ukukusho ukuthi uma usebenza kanzima, umdlalo uba lula futhi uyaphumelela.
“Baningi abadlali abanekhono kodwa lokho akwanele uma kuhamba kodwa. Ibhola lanamuhla selihambisana nobuchwepheshe nesayensi. Umdlali onjengoRonaldo unethimba elibhekene naye ngqo longoti abehlukene abamlekelelayo okubalwa kubona nodokotela bengqondo, abaqeqeshi, nabanye.”
UMotaung ukhumbuze abadlali, abaqeqeshi nabaphathi baMakhosi ukuthi banejoka lokujabulisa abalandeli asebeqale ukuphenduka inhlekisa ngenxa yesomiso sezindebe.
“Abantu abamqoka kakhulu ngabalandeli. Badela izinkinga zabo basuke lapho besuka khona bezonibukela nidlala. Bahlanganisa leyo mali encane abanayo ukuze baye ezinkundleni,” uMotaung uqhube kanje.
“Ngakho-ke masibakhombise uthando futhi sibajabulise. Abakwenzayo bakwenza ngenxa yothando. Kungani umuntu edela izinto eziningi, asebenze isonto lonke ukuze azobuka nina nidlala? Yimibuzo okufanele sizibuze yona leyo.”
Amakhosi aphume kowandulela owamanqamu kwiMTN8 ekhishwa yiMamelodi Sundowns, egcine ishaywe yi-Orlando Pirates kowamanqamu.
Azoqala umqhudelwano omusha, iCarling Knockout Cup, ngokubhekana naMaZulu FC koweLast 16 ozoba seFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.