USIHLALO weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, unxuse abalandeli baleli qembu ukuthi beseke umqeqeshi omusha uMolefi Ntseki kanjalo nabadlali abasha abasayinisiwe.
Ngenyanga edlule Amakhosi amemezele ukuthi uNtseki ouzothatha izintambo njengenhloko entsha yabaqeqeshi. Lokhu bekusho ukuthi, u-Arthur Zwane obengumqeqeshi ngesizini edlule, wehlela esikhundleni sokuba yiphini lomqeqeshi benoDillon Sheppard.
IziMpofana seziqinisekise ukuthi zisayinise abadlali abayisikhombisa. Laba yizitobha uGiven Msimango noThatayaone Dilthokwe, abadlali basesiswini u-Edson Castillo, Mduduzi Mdantsane, Tebogo Potsane noPule Mmodi, kanjalo nomgadli uRanga Chivaviro.
Kushayisane imibono ngokuqashwa kukaNtseki ezinkundleni zokuxhumana, abanye abalandeli bengakholwa ukuthi uzokwazi ukuqeda indlala yezicoco kanti abanye bebethi kumele anikwe ithuba.
Inkakha yeChiefs uLucas Radebe ungomunye walabo esingahlalanga kahle kuyena lesi sinqumo. Ngokwakhe leli qembu belingakwazi ukuqoka umqeqeshi ongcono.
“Le zinguquko esizenzile, abadlali esibatholile nalabo abaqhamuke eqenjini elincane, ngibona ukuthi sisendleleni efanele. Ngicabanga ukuthi umqeqeshi udinga nje ukunikwa ithuba enze umsebenzi wakhe Njengoba nazi ukuthi ngesikhathi kumenyezelwa izinguquko kwaqhamuka imibono ehlukene,” kusho uMotaung kwabezindaba ngesikhathi iqembu lethula amajezi alo amasha eGoli ngoLwesibili ebusuku.
“Kulula ukuthi abantu bakhulume, kulula ukugxeka, kodwa kufanele kugxekwe into esivivinyiwe kwabonakala ukuthi ayihambi kahle. Umlando ukhombisa ukuthi cishe bonke abaqeqeshi esike sabathola, ngisho abebephuma phesheya, bebengakaze banqobe noma baphumelele lapho bephuma khona. Impumelelo iqhamuke sebekwiKaizer Chiefs.
“Sinethemba lokuthi uNtseki uzonikwa lelo thuba lokwenza umsebenzi wakhe bese sibona ngemuva kwesikhathi ukuthi kulungile yini ukumgxeka. Kuyishwa ukuthi ngenxa yezinkundla zokuxhumana abantu sebekwazi ukusho noma yini, noma kanjani, nokwenza lo mqeqeshi agxekwe engakaqali nokusebenza.”
Umdlalo wokuqala kaNtseki bekungowobungani neYoung Africans ngempelasonto edlule, onqotshwe yIqembu laseTanzania ngo 1-0. Olandelayo kuzoba ngomunye wobungani neqembu laseBotswana, iTownship Rollers, eNational Stadium eGaborone ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UMotaung uqhube wathi abalandeli kumele bababekezelele abadlali abasha ngoba kuzothatha isikhathi ukuthi bajwayele ukudlala eqenjini elikhulu kangaka.
“Abadlali abasanda kufika sebezobona ukuthi kuyinselelo engakanani ukuzodlalela leli qembu. Sizokwenza konke okusemandleni ukubafundisa. Sineqembu elizobhekana nomdlali ngamunye ukuze libakhuthaze futhi libenze baqonde isiko nomlando weqembu,” kusho uMotaung.
IChiefs izobe isivula imidlalo yeDStv Premiership ka-2023/2024 neChippa United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-Agasti 6.
“Kuyinselelo ngasohlangothini lwethu ukuthi sikwazi ukubasiza basheshe bajwayele. Abanye abadlali kungenzeka ukuthi bebegqamile lapho bevela khona, kodwa isimo salapha sihlukile futhi izinselelo zingaphezu kwalokho abakujwayele.
“Kumele sibaqinise, ikakhulukazi abalandeli bethu ngoba sibathatha njengomdlali wethu ka-12 enkundleni, futhi yibona abenza izinto zenzeke.”
Sisekuzo ezeChiefs, kusengenzeka ukuthi ayiqedile ukusayinisa abadlali ngokusho kwesinye sezikhulu zayo, uJessica Motaung, kodwa konke kulele ekutheni uNtseki nethimba lakhe bayasibona yini isidingo sokwengeza kulaba asebevele baseNaturena.
Ngesikhathi ebuzwa ngemakethe yabadlali ohlelweni lwe-eNCA izolo ekuseni lapho bebezokhangisa khona ngejezi elisha, uJessica uthe: “Njengoba iwindi lokusayinisa lisavuliwe futhi uma umqeqeshi ebona isidingo nakanjani kusengenzeka.
“Konke kulele kumqeqeshi osematasa nokubhekisisa laba asebefikile aphinde abajwayeze neqembu. Okumnandi ngezinguquko zebhentshi leChiefs zenzeke ngaphakathi ngakho-ke wonke umuntu uyayazi indima yakhe nokubhekwe kuyena ngayedwana.
“Sijabule ngabadlali asebekhona ngaphakathi kodwa okwethu ukufeza izidingo zikaNtseki onikwe ijoka lokubuyisa izikhathi zenjabulo kuMakhosi.”