KUSUKA kuqale isizini ka-2023/2024, iKaizer Chiefs ingabalwa namaqembu angaqondakali ukuthi adlala kahle noma ayaboza yini. Kepha ukuqoshwa kukasihlalo wayo, uKaizer Motaung Snr. obondeni lwamaqhawe, kungenzeka kube ngumjovo womdlandla omusha.
Kuleli sonto kuvele izindaba ezithi umsunguli weChiefs, uMotaung, uzoqoshwa kwiSouth African Hall of Fame ngoNovemba 9.
Lapho uyobalwa nezingqalabutho ezinjengoNelson Mandela, izikwati zesizwe - iBafana Bafana yango-1996, namaBhokobhoko ango- 1995.
Kwenzeka lokhu nje, usihlalo ugubha iminyaka engu-79 kuleli sonto elisongwayo, edla anhlamvana.
Ukuqondana kwezinto, ngabe kuchaza ukuthi konke lokhu kungaba ngumjovo ozofaka umdlandla kwiziMpofana? Lokho kuzocaca ngokuthi ziyiyinywe ngezinye zezimbangi zayo ezindala, AmaZulu FC.
La maqembu ahlangana namuhla (ngoMgqibelo) ngo-6 ebusku, kowe-last 16 yeCarling Knockout Cup, eFNB Stadium, eNasrec.
Ukuhlangana kwamaqembu kwi-last 16 yomqhudelwano omusha, kuvusa uhlevane ngoba wuSuthu olumabheshu ankone, elagcina liwunqobile ngokudla Amakhosi, ngesikhathi usabizwa ngeCoca Cola Cup ngo-1992.
Ngakolunye uhlangothi, iChiefs ihamba phambili ngokuqukula izicoco kuyona ngoba isiwudle amahlandla angu-13, okwedlula wonke amaqembu kwiPSL.
Ngale nje kwehaba labalandeli asebejikijele kabili umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, leli qembu alenzanga kabi ngaleyo ndlela (ngokwezinga laseNingizimu Afrika), linqoba imidlalo emithathu kweyisishiyagalolunye.
Eqinisweni yize liphambili ngemidlalo emine, kwemihlanu esadlalwe ngompetha beMTN8, i-Orlando Pirates, kodwa bangenhla ngamaphuzu amane nokubenza baqhelelane ngezindawo ezinhlanu ekuklelisweni kwelog.
Akusiye yedwa-ke uMotuang, othole umklomelo kuleli sonto ngoba noMaradona (ngokwesidumbu somzimba ngaphezu kokokudlala ngokufana) woSuthu, u-Ethan Brooks naye uzoya kulo mdlalo ezethemba emuva kokuqokwa ngabalandeli njenge-Ambitious Player of the Quarter kuleli sonto.
Uthelise ozakwabo, uTshepang Moremi noVeli Mothwa.
UBrooks ngomunye wabadlali umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, afike wakhombisa ukubathanda ngesikhathi ekhuculula ezimdwayidwa, efaka injejane.
Nokho-ke, uBrooks ube nokubohla emuva kwalokho nokuyinto okubukeke eyiqhathulula kuye ngasekupheleni kwesizini kuze kube yimanje.
Ukuvunywa ngabalandeli nokwethenjwa ngumqeqeshi wakhe uPablo Franco, kufanele kumkhuthaze ekutheni, mhlawumbe usengayithola indawo kwiBafana eya kwiCup of Nations ngoJanuwari cishe naku le ezoqala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba.