UKWENYUKELA kwiDStv Premiership kweCape Town Spurs kushintshise umqondo umakadebona, uMichael Morton, obehlose ukuliyeka ibhola ekupheleni kwesizini ka-2022/2023.
ISpurs ibuyele kwiPremiership ngesonto eledlule emuva kokuqeda phezulu kwi-log yemidlalo yokuhlunga yePSL Promotional Play-Off. Kule midlalo ibiqhathwe neCasric Stars ebikade iqede endaweni yesithathu kwi-log yeMotsepe Foundation Championship neMaritzburg United eqede endaweni ka-15 kwi-log yePremiership. Ukwenyuka kweSpurs kusho ukwehlela kwiChampionship kweTeam of Choice.
Ngaphambi kokuphela kwesizini esanda kusongwa, uMorton (34) watshela leli phephandaba ukuthi usedlala eyokugcina. UMorton, owakhulela enkulisa ye-Orlando Pirates, waqala ukugqama egijima esikimini esikhulu seZimnyama ngesizini ka-2008/2009 ngaphambi kokufudukela kwamanye amaqembu.
"Yebo, ngakusho lokho. Ukuba asenyukelanga kwiPremiership amakhokho bengizowaphanyeka emgibeni impela. Kodwa manje ngoba sesibuyele phezulu, sengizosicabangisisa isinqumo sami," kusho uMorton.
UMorton, owadlala nakuMaZulu neMaritzburg, usho lokhu nje usihlalo weSpurs, u-Ari Efstathiou, uveze ukuthi abadlali abanamava uzobagcina. Uthe imjabulisile indlela abadlale ngayo, bekhombisa ubuholi kwabasebancane. Uqinisekise nokuthi abadlali abafunwa ngamanye amaqembu ngeke abadedele. Kulaba badlali kukhona nomgadli wabo ophambili, u-Ashley Cupido, okuvele ukuthi ucathanyelwa yiKaizer Chiefs.
"Baningi abadlali abanekhono kuleli qembu. Ngicabanga ukuthi kuzoba nzima kakhulu ukubagcina. Abadlali abafana no-Ash (Cupido) noRushwin (Wayne) asebethathe iso lamanye amaqembu. Manje ngoba sesikwiligi ephezulu, mhlawumbe sizokwazi ukubagcina laba badlali bazakhele igama lapha kwiCape Town Spurs esikhundleni sokuyofuna amadlelo aluhlaza. Ikusasa labo liqhakazile lapha," kusho uMorton.