URONNIE Moroka ongumakadebona ekuqeqesheni ezigabeni ezahlukene zebhola eNingizimu Afrika, ukuthatha njengenhlanhla ukunikwa ithuba lokuba sethimbeni labaqeqeshi beqembu lesizwe lase-Liberia.
UMoroka owayeyinhloko yezinhlaka zokukhulisa abadlali kuMaZulu, engxoxweni abenayo neSolezwe Ngempelasonto, uveze ukuthi uqale ukusebenza ethimbeni labaqeqeshi le-Liberia kusukela ngoFebhuwari. Ungelinye lamaphini omqeqeshi uMario Marinica.
UMarinica odabuka eRomania, noseke waqeqesha iqembu lesizwe laseMalawi, uthathe izintambo zokuqeqesha iLiberia ngoFebhuwari. Ungene esikhundleni sika-Ansu Keita owakhonjwa indlela ngoDisemba nyakenye.
UMarinica uqoke uClwyd Jones wase-England noMoroka njengamaphini akhe. Laba baqeqeshi yibona ayibambe nabo ekududuleni inqola ye-The Lone Stars esemshikashikeni wokuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 nakwiNdebe yoMhlaba ka-2026. Ngokuqashwa eLiberia, uMoroka usebalwa nabaqeqeshi baseMzansi abasebenza ezwenikazi i-Afrika okukhona kubona uFadlu Davids opheka iSimba SC yase-Tanzania noRhulani Mokwena oqeqesha i-Wydad Casablanca yase-Morocco.
“Nakuba ngiyiphini lomqeqeshi kodwa owami umsebenzi ugxile kakhulu ekuhlaziyeni imidlalo, okwenza ngingahlali ebhentshini, kodwa ngihlale laphaya phezulu ezibukelini. Ngikuthatha njengenhlanhla nesibusiso kimina ukuthola leli thuba ngoba baningi abaqeqeshi eNingizimu Afrika abangcono kunami okuyibona abebenganikwa leli thuba. Lokhu kimina kusho ukuqhubeka nokufunda nokukhula ekuqeqesheni. Kimina ibhola liyimpilo, ngakho ngiyakuthokozela ngaso sonke isikhathi ukuthola ithuba lokufunda okusha njalo,” kusho uMoroka odabuka KwaNdengezi, eThekwini.
UMoroka usesebenze emaqenjini ehlukene eMzansi okubalwa kuwona iJomo Cosmos, AmaZulu FC, Thanda Royal Zulu neLamontville Golden Arrows. Uhlukane noSuthu ngonyaka odlule, wasebenza isikhashana kwiMarumo Gallants ebidlala kwiMotsepe Foundation Championship njengephini lomqeqeshi uPitso Dladla.
“Ukusebenza nomqeqeshi onjengoMario kusho lukhulu kimina. Ngikholwa wukuthi kuningi engisazokufunda kuyena njengomqeqeshi onamava ekuqeqesheni, njengoba eseke aqeqesha nasemaqenjini amancane e-Inter Milan (yase-Italy). Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu, engifunda okusha kuyena zonke izinsuku. Ngikholwa wukuthi lokhu kuzoqhubeka nokungikhulisa, ngibe ngumqeqeshi ongcono kunalona enginguyena njengamanje. Ngisebenze kuzo zonke izigaba zebhola kusukela kwi-SAB League (esiyi-Hollywoodbets League), Motsepe League, Motsepe Championship,” kusho uMoroka.
I-Liberia ikleliswe kuGroup E kweyokuhlungela i-Afcon ka-2025 ne-Algeria, Equitorial Guinea neTogo. Kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ikleliswe kuGroup H neTunisia, Namibia, Malawi, Equitorial Guinea, neSao Tome and Principe.