UMQEQESHI weMamelodi Sundowns kwiDiski Challenge, uSurprise Moriri, ukholwa wukuthi usezandleni ezifudumele esikimini esikhulu umgadli wabo uCassius Mailula oqobela amagoli kwiDStv Premiership.
UMailula wenyuselwe esikimini esikhulu seSundowns esiphekwa nguRhulani Mokwena ekupheleni kwesizini edlule nabanye abadlali okukhona kubona uSiyanda Nyanga noNtando Nkosi. Nokho uyena osalibambe ngazo zombili ithuba lokudlala kwiPremiership. UMailula useshaye amagoli ayisihlanu eqenjini lePremiership.
UMoriri, obengumqeqeshi wakhe kwiDiski, uthe uMailula uyisibuko sabakwenza kwiDiski.
"Ungomunye wabadlali abazithobile futhi abahlakaniphile. Okuhle wukuthi esikimini esikhulu uzungezwe ngabadlali abahle futhi abanobuholi. Kuningi okusafanele kwenziwe kuyena. Okuhle wukuthi useqalile ukushaya amagoli. Lokho kuzokwenyusa ukuzethemba. Abaqeqeshi asezandleni zabo manje bazomsiza ekutheni afinyelele ezingeni elifanele njengomdlali. Kufanele azithobe ngoba umele bonke abadlali abasenkulisa yeSundowns. Ngibheke ukuthi aqhubeke nokukhula njengomdlali, kuhlomule iqembu," kusho uMoriri.
Ukukhushulelwa esikimini esikhulu kwabadlali beqembu leDiski kuvulele ithuba abanye abasafuna ukuzakhela igama. Nokho lokhu kuliphazamisile iqembu likaMoriri kwazise alibalwa emaqenjini asembangweni wesicoco seligi yeDiski. ISundowns isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-13. Isele ngamaphuzu angu-10 kwiCape Town City esesicongweni ngawu-29.
NgoMgqibelo, amaBrazilians azobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi ozoba seGiant Stadium, eSoshanguve, ePitoli, ngo-12.30 emini.
"Siyayifuna iligi. Sisekhona embangweni. Sisele ngamaphuzu angu-10 eqenjini elisesicongweni. Sisenalo ithuba. Kufanele sisebenze kanzima," kusho uMoriri.
"Umdlalo wethu nePirates uhlala unzima futhi unamagoli. Emidlalweni emibili edlule sibhekene nabo kwiligi nakwiDiski Shield siwinile. Lokhu kusho ukuthi bazoza befuna ukuziphindiselela. Kodwa siwulungele umdlalo."
Imidlalo yeDStv Premiership:
NgoMgqibelo - Ngo-10am: Marumo Gallants v Cape Town City (Giant Stadium); Royal AM v Maritzburg United (Mpumalanga Stadium); TS Galaxy v Golden Arrows (Solomon Mahlangu Stadium).
Ngo-12pm: Sekhukhune v United v AmaZulu (Tsakane Stadium).
Ngo-12.30pm: Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates (Giant Stadium)
NgeSonto - Ngo-10am: Swallows v Stellenbosch (Giant Stadium).
Ngo-12pm: Richards Bay v Chippa United (Mpumalanga Stadium).
Ngo-12.30pm: SuperSport United v Kaizer Chiefs (Giant Stadium).