NGEKE aqale manje ukudlalela ukuzephula ngoba efuna ukukhombisa abaphathi ukuthi ufanelwe inkontileka entsha umdlali we-Orlando Pirates wasesiswini, uThabang Monare, osesezinyangeni zakhe zokugcina eziyisithupha (enkontilekeni) anayo naleli qembu.
UMonare (33) ukusho lokhu kuhlangene abezindaba abebemenywe yiPirates ebiyenza amalungiselelo okwamukela iLamontville Golden Arrows emdlalweni we-DStv Premiership kusasa ngo-3.30 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Lo mdlali uzishaya isifuba ngokuthi uwumuntu ohlale ekhuthazekile futhi uzinikela ngaso sonke isikhathi ngakho-ke akasiboni isidingo sokuqala manje adlalele ukuzephula khona abaphathi bezobona ukuthi imfanele inkontileka entsha.
“Angilona uhlobo lomdlali olinda kuze kuphele inkontileka ukuze akhombise ukuzinikela eqenjini ngakho-ke angisiboni isidingo sokufaka umfutho ongaphezulu ngoba engikwenzayo nengikwazi ukukwenza kuyaziwa,” kusho uMonare kwabezindaba eRand Stadium.
“Kungafana nokuthi ngenza umkhonyovu uma ngingakhuphula amasokisi kuphela ngoba sengifuna inkontileka entsha ngakho-ke udaba lwayo (inkontileka) akuyona into esemqondweni wami kodwa i-Arrows yona ikhona.
“Bonke abadlali kufanele kube into yansukuzonke ukuzikhuthaza nokuzama ukwenza kangcono kunokwedlule hhayi ukuthi kuze kufike isikhathi sezinkontileka bese kuba yima ukhumbula ukuthi kusho ukuthini ukuba wumdlali webhola elikhokhelayo.”
Uphinde wahamba emazwini omqeqeshi wakhe uJose Riveiro, ocele isineke kubalandeli.
IPirates iya emdlalweni we-Arrows sekudlule emithathu yeligi inganqobi.
“Ngeke sikuphike ukuthi siphazamisekile emgqigqweni ngenxa yemiphumela yakamuva kodwa lokhu akusho ukuthi sekufanele sikuhliphize konke okuhle okwenzekayo.
“Siyiqembu elisazama ukwakha isikompilo elisha lePirates ngakho-ke lokhu kuzothatha isikhathi ukuthi kuhlangane ngale ndlela sonke esifisa ngayo.
“Ngiyakholelwa ekutheni iPirates isendleleni ebheke ekubeni ngelinye lamaqembu aphambili kodwa ngaphambi kokufika lapho kufanele siqale sidlule kulezi zihibe ezilokhu zibekwa phambi kwethu njenge-Arrows,” kuqhuba uMonare.
“Siyakholelwa kwesikwenzayo singabadlali. Siyayibona into efunwa wumqeqeshi futhi angingabazi ukuthi uma konke sekuhlangene sizoba yiqembu elikhonyayo kuleli isikhathi eside,” usho kanje.