INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, izishaya isifuba ngokusebenza kanzima kwabo nebona kuyikhona okubalethela impumelelo ebholeni laseNingizimu Afrika.
ISundowns ivule igebe lamaphuzu angu-14 esicongweni se-log yeDStv Premiership emuva kokwehlula omakhelwane baseTshwane, iSuperSport United ngo-1-0 ngoMsombuluko. Ayikahlulwa emidlalweni engu-11 ngaphansi kobuholi bukaMokwena. Abaqeqeshi abahlukene kwiPremiership sebeyivumile induku, bathi iSundowns isivele iyiwinile iligi kwazise alikho iqembu okubukeka lisazoyibamba.
Abanye bathi iwina ngoba inemali eningi yokuthenga bonke abadlali abaphezulu baseNingizimu Afrika nabangaphandle.
Emuva kokuthi iSundowns yehlule iSuperSport United ngoMsombuluko ebusuku, uMokwena uthe impumelelo yabo kungenxa yezithukuthuku zakhe.
"Yebo, siwina ngoba sinabadlali abasezingeni eliphezulu. Kunjalo 100% ngoba ibhola ngelabadlali. Kodwa ngingasho ukuthi sisebenza kanzima kakhulu. Lokho ngikusho ngaphandle kokuzisola. Ngiyawazi amahora engiwasebenzayo ukuze kubonakale imiphumela njenganamuhla, lapho singadlalanga kahle kodwa sibe nenhlanhla. Empilweni uyazenzela inhlanhla. Uyayisebenzela. Lowo umyalo weBhayibheli.
FUNDA NALOLU DABA: IPirates ivikele isithunzi seSoweto ibhulela amasaka i-Arrows
“IBhayibheli lithi okutshalayo uyakuvuna. Ngakho asihlali sinethezeke sithi ‘sinabadlali abahle, asiyiyeke le nto ngoba sizowina vele’. Sisayibuka imidlalo yeSuperSport. Ngichithe amahora amane ngibuka umdlalo abasidle kuwona ngo-2-0 ngawuhlaziya. Uma usebenza kanzima uyawuthola umvuzo kungakhathaleki ukuthi ungubani. Yilokho leli qembu elizohlala lokwenza," kusho uMokwena.
Ngaphansi kukaMokwena, iSundowns isalilande kanye ibhola ezintanjeni. Lokhu kwenzeke ngesonto eledlule yehlula iChippa United ngo-2-1 koweligi. Nakuba umsebenzi wakhe uzikhulumela selokhu egixabezwe ngalesi sikhundla kodwa iningi likholwa wukuthi uwina ngoba ephethe wonke ukhilimu wabadlali baseMzansi, abalanda ngezizumbulu kwamanye amaqembu.
Abalandeli ezinkundleni zokuxhumana basamkhumbuza ukuthi wehlulekile kwi-Orlando Pirates nakwiChippa United abekade ebolekiswe kuyona ngeZimnyama ngaphambi kokuthi uPitso Mosimane ambuyise eChloorkop.
"Ngiyazi ukuthi irekhodi lami yinto abantu abasazoqhubeka nokukhuluma ngayo ngaphambi kokukhuluma ngerekhodi lami sengingumqeqeshi weMamelodi Sundowns. Lokho kuyiqiniso. Akungikhathazi," kusho uMokwena.
ISundowns izobuyela enkundleni ngoMgqibelo ebusuku, isivakashela iKaizer Chiefs kowePremiership eFNB Stadium.