UYAYIPHEBEZA eyokuthatheni udumo ngokuvutha kweMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi kuleli qembu elibonakala lishaya kwasani kwiDStv Premiership kusukela anikezwa lesi sinkundla ezinyangeni ezedlule.
Indlela iSundowns edlala ngayo kulezi zinsuku seyenze kwaqala izinkulumo zokuthi izokwazi ukuvikela isicoco seligi ihlandla lesithupha kulandelana.
NgoLwesihlanu, iqhubekile nokuvulela induku inqoba umdlalo wesikhombisa kulandelana, ngokushaya iRichards Bay FC ngo 2-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Amagoli ashaywe uCassius Mailula noHaashim Domingo.
UMokwena obexoxa nabezindaba ngemuva kwalo mdlalo, wale waphetha ukwamukela ukuthi isandla sakhe yedwa esenza iSundowns ibukise ngazitha kwiPremiership kwazise alikho neqembu eselishaye igoli ngakubona kule midlalo.
Kusukela uMokwena eqale ukuyishayela yedwa inqola yeSundowns, iMaritzburg United ithelwe ngehlazo lika-5-0, kwalandela iRoyal AM eshaywe ngo-3-0. I-Orlando Pirates neSwallows FC bathole isibhaxu sika-2-0 ngokwahlukana njengoba kube into efanayo kwiBay ngoLwesihlanu eKing Zwelithini Stadium.
“Ukubhubhudla amaqembu ngesikhathi esifanayo kudlalwa leli okuthiwa linenkosi phakathi ibhola, yinto engingayifanisa nolibofuzo (DNA) lweSundowns,” uphendule kanje uMokwena ebuzwa ngokuthi yini ayishinsthile njengoba kusukela ebekwe njengenhloko?
“ISundowns yayaziwa ngesitayela sokudlala ‘i-shoeshine and piano’ esabunjwa izinkakha zayo eminyakeni eminingi edlule ngakho-ke akuyona into entsha.
“Okusemqoka nengingathanda ukukuqhakambisa njengembangela ngokwenzeka kwiSundowns manje, uhlobo oluphambili lwabadlali olusemabhukwini ayo.
“Awukwazi ukubabaza iSundowns nakho konke okuhle ekwenzayo njengamanje ngaphandle kokutusa nokuqhakambisa okwenziwa ngabadlali enkundleni,” kusho uMokwena.
Yize kusobala futhi silokhu sanda nesibalo sabaqeqeshi bamaqembu eDStv Premiership abathi isihambe naso isicoco iSundowns, uMokwena akaboni kanjalo kodwa ubona iSundowns okusafanele ibengcono ezintweni ezithile.
“Kusekude kakhulu ukuthi kufikwe ekutheni sekucacile ukuthi ubani ozodla isicoco. Engikwaziyo ukuthi le Sundowns (yamanje) akukhona ukuthi ayinasici.
“Kunezindawo lapho kusafanele sibengcono kuzona njengeqembu. Ngikusho lokhu ngoba kuyona yonke le midlalo esituswa ngayo, silokhu sizinike njalo izitha amathuba njengoba senzile nakwiRichards Bay esiwombeni sesibili.
“Asilona iqembu elinika izitha amathuba kodwa lokhu kuyenzeka okuyizinkomba zokuthi usemkhulu umsebenzi osihlalele,” kuphetha uMokwena.
ISundowns izobuyela enkundleni kusasa neChippa United, koweligi eLoftus Versveld ngo-7.30 ebusuku.