ISHIYE imibuzo inkulumo kaRhulani Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns ngekusasa labaqeqeshi abasebenza ngaphansi kwakhe, uManqoba “TV” Mngqithi noSteve “Mphathi” Komphela.
UMokwena okhushulelwe esikhundleni sokuba yinhloko ngo-Okthoba, ubekhuluma esithangamini nabezindaba izolo emini, ngaphambi kokwamukela i-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership kusasa ngo-3.30 ntambama, eLoftus Versveld.
NgoLwesibili, kusabalale kwabezindaba ukuthi uMokwena uxoshe abaqeqeshi ababili ekhempini yaleli qembu ebiseLimpopo, lapho bebenza khona amalungiselelo alo mdlalo. Ayizange ivele imininingwane egcwele ngalokhu nezizathu.
Ngokwemibiko kuvele ukuthi abaxoshiwe ekhempini uRiedoh Berdien oyi-fitness and conditioning coach noMarcus Mashilo oyiphini lomqeqeshi wonozinti. Kuvele ukuthi naseChloorkop bebengabonakali esikimini esikhulu njengoba bekujinywa
UMokwena ukuqinisekisile lokhu izolo waphinde wayithinta indaba yethimba lakhe labaqeqeshi lapho eveze khona ukuthi kukhona ezinye izinguquko ezisazokwenzeka kulona kulandela ukukhululwa kwakhe abaphathi ukuthi abumbe isikimu okuzoba esakhe.
Yize uMokwena engazange ayiphathe eyoMngqithi noKomphela kodwa inkulumo yakhe ishiya imibuzo kwazise ahlale ebalandela laba baqeqeshi (uMokwena, Mngqithi noKomphela) amahlebezi okuthi ikhohlisana ihlomile kubona.
“Kuyindlela ejwayelekile ukuthi uma kunenhloko entsha yabaqeqeshi ithimba lishintshe,” kusho uMokwena.
“Nakanjani zisazobakhona ezinye izinguquko ethimbeni lami kulandela izibusiso engizinikwe iqembu nokwesekwa okungenza ngizizwe ngibakweleta abaphathi beqembu.
“Ngiyazi ukuthi ngidinga ithimba eliqinile ukuqinisekisa ukuthi ngiyasikhokha isikweletu sabaphathi kodwa ngiyazi futhi ukuthi lokhu ngeke ngikwazi ukukwenza ngedwa,” kusho uMokwena osizwa uMngqithi noKomphela abesanda kuphambana ezikhundleni abebekuzona phambilini.
I’Downs iya emdlalweni wePirates ngenhloso yokuqhubeka lapho igcine khona ngaphambi kwekhefu ebelidalwe imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
EzikaMokwena, ziye ekhefini zisefomini kusukela uMokwena enziwe inhloko yabaqeqeshi. Bawine imidlalo yeligi emihlanu ilandelanana.
Lokhu kwenze yaqhwakela ngamaphuzu awu-28.
Okuningi kuvuna iSundowns kulo mdlalo kwazise iyona eqhwakele kwi-log kanti iPirates isendaweni yesihlanu ngakho-ke imelwe ukunqoba ukuze ivale igebe.
Kusukela ngo-2017, lezi zingqungqulu zamaqembu aseNingizimu Afrika sezinqwamane amahlandla angu-16 ngokwahlukana kwemiqhudelwano.
IPirates isanqobe emithathu kwengu-16 kwathi iSundowns yawina kwengu-10. Kweminye emithathu umdlalo uphele zibambene ngo-0-0.
Nakulo wokuvala unyaka, kulindeleke amagoli njengoba kwenzekile iSundowns ishaya iPirates ngo-4-0 ngoNovemba kwiCarling Black Label Cup kanti lokhu bekulandela iwini yePirates ngo-3-0 ihlula yona iSundowns kowandulela owamanqamu weMTN 8 ngo-Okthoba.