UGCINE ewuphendulile umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, umbuzo othi ngabe uzoyibuka kanjani isizini yabo uma kungenzeka bengayinqobi iCaf Champions League kule sizini.
Ubexoxa nabezindaba ngomlenze wesibili wama-quarterfinal eChampions League neCR Belouizdad yase-Algeria abazobhekana nayo eLoftus Versfeld, eTshwane namuhla ngo-3 ntambama.
“Ukungayinqobi iChampions League kungasenza sibe yizahluleki? Mhlawumbe kungaba njalo emehlweni abantu kodwa kwawami, ngibuka indlela laba badlali abadlale ngayo nokubamba kwabo umgqigqo owodwa,” kusho uMokwena kwabezindaba kuleli sonto.
“Ngibuka ibhola elihle esilokhu siqhubekile nokulidlala futhi sibe sikhipha nemiphumela emihle. Kimi konke lokho kusho impumelelo.”
Okusondeza lo mbuzo akusiwo umona ngempumelelo yeSundowns kodwa yiqiniso elithi yize beqede ngesicoco seligi kusasele inqwaba yemidlalo kodwa ukuphuma kwiNedbank Cup kubabeke engozini yokuthi isizini yabo ingabi ngekhethekile uma bengayinqobi iChampions League.
Indlela edlale ngayo iSundowns ngeledlule yehlula iBelouizdad ngo 4-1 kuyibeke ethubeni elihle lokungena kuma-semi final.
Kubonakale nangokuthi abadlali bayo abathathu bangene ohlwini lweCaf Champions League Team of the Week.
Labo badlali yinkentshane elinguPeter Shalulile obasele amagoli ababili emdlalweni owedlule, u-Aubrey Modia obegudla ohlangothi lwesokunxele eqhamuka ngasemuva ngokunjalo nenjini, uTebogo Mokoena.
Amagoli amabili kaShalulile amnyusele kwangu-73 ejezini leSundowns.
Lesi samba eqinisweni, simfaka ohlwini lwabagadli bePremier Soccer League abanamagoli angu-10 nangaphezulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi ubasele angu-27 kwiHighlands Park ngaphambi kokuhlwithwa yiSundowns.
Abanye abadlali abashaye amagoli angu-100 nangaphezulu besemabhukwini ePSL, nguBradley Grobler weSuperSport United, Siyabonga Nomvete odlale emaqenjini amakhulu eNingizimu Afrika, Mabhuti Khenyeza, Manuel Bucuane, Collins Mbesuma noDaniel Mudau.
UGrobler usanda kungena kulolu hlu, kule sizini eqinisweni.
UShalulile ungumdlali wesibili weSundowns kulolu luhlu. Ulandela uMudau.
UShalulile uphinde abe ngumdlali wesithathu wangaphandle kulolu hlu. Udabuka eNamibia kanti ulandela uBucuane waseMozambique noMbesuma waseZambia.
Kubukeka esemzileni okahle ukufica irekhodi likaNomvete, okunguye onamagoli amaningi ngangu-23.
Kule sizini, uShalulile usembangweni wesicathulo segolide emiqhudelwanenni emibili; iChampions League neDStv Premiership asebeyinqobile neSundowns.
Ekhaya uzihola phambili ngamagoli angu-11 bese eba mahlanu kwiChampions League.