UKUHLABA uyakuhlikiza umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ukuthi abadlali bakhe bonga amandla emidlalweni yeDStv Premiership, ngemva kokunqoba isicoco seligi besasalelwe yimidlalo eyisikhombisa.
ISundowns inqobe iligi emasontweni amathathu edlule imatasa nemidlalo yeCaf Champions League, kumanje ikuma-quarterfinal omqhudelwano.
Iqembu selephule amarekhodi amaningi ngaphansi kweDStv Premiership, kanti namuhla ngo-6 ebusuku lizobhekana neStellenbosch FC kowe-quarter-final yeNedbank Cup e-Athlone Stadium, eKapa.
“Uma ngempela ubuka imidlalo yeSundowns, ungasho nje ngokukhulu ukuzimelela ukuthi abadlali abazinikeli ngokwanele ukunqoba imidlalo? Ake siyibuke imidlalo ngeso elingabelethe ezinye izinhloso,” kusho uMokwena.
“Isibonelo nje, iLamontville Golden Arrows esigcine ukudlala nayo, isanda kubuyela efomini enhle kulezi zinsuku kodwa abadlali bethu bakwenzile obekufanele bakwenze.
“Indlela eya empumelelweni inemehlela nemidonso. Kolwethu uhambo, besisabhekane nezikhinsi esimeni sokudlala ngokulingana imidlalo emithathu ilandelana,” kusonga uMokwena.
I-Arrows akhuluma ngayo uMokwena, ibabambe ngo 1-1 koweligi ngoLwesithathu. Ngaphambi kwalokho babambana neSwallows ngo 0-0, kanti bebedlale ngokulingana neCape Town City kwaba ngu 0-0.
Ngokokuqala kule sizini ukuthi iSundowns ihluleke emidlalweni emithathu ilandelana ukunqoba nokho isaligcinile irekhodi lokuyizwa ngendaba induku emidlalweni engaphezu kuka-20 ngaphansi kukaMokwena.
KwiStellenbosch bazobhekana neqembu elibanike inkinga cishe ukuwedlula wonke kule sizini ngoba babambane nayo ngo 1-1 kuyo yomibili imilenze yeligi kule sizini.
“Kuhlezi kunzima ukubhekana neStellenbosch. Bayiqembu elihle futhi eliqeqeshwa ngobuchule, yikho nje ukuthi ukuma kwabo kwilog akuvezi isithombe esiyiso ngezinga labo,” kusho uMokwena.
“BanoRayners (u-Iqraam, oqokwe njengomdlali ovelele kwiPSL enyangeni) osanda kubuya kwiSuperSport United, iminyakazo yakhe phambili eyingozi kakhulu. Ubudlelwano abakha noDe Jongh (u-Andre waseNew Zealand ofikele kuMaZulu kuleli) bunikeza noma yiliphi iqembu abasuke bebhekene nalo inkinga.”