URHULANI Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, ucacise ngenkulumo yakhe yakamuva eshiye imibuzo ngekusasa likaManqoba “TV” Mngqithi noSteve “Mphathi” Komphela, eqenjini elibukeka lishosholoza emzamweni yokuvikela isicoco seDStv Premiership.
Umqeqeshi ubekhuluma emuva kokushayela ngempumelelo umkhumbi weSundowns, wawina umdlalo weligi okwesikhombisa kulandelana kwiSwallows FC ngoLwesibili, eLoftus Versveld. I’Downs inqobe ngo 2-0, oyibeke emaphuzwini awu-34 kwi-log emidlalweni ewu-14.
Inkulumo kaMokwena ngezinguquko ebhentshini leSundowns ayenze ngeledlule, ishiye abaningi bezibuza beziphendula ukuthi ngabe iyabathinta yini oMngqithi noKomphela abasanda kuphambana ezikhundleni (ngesikhathi kubekwa uMokwena njengenhloko).
Kuleyo nkulumo, uMokwena ukhe phezulu ngezinguquko ezizokwenzeka ethimbeni lakhe ezeseka ngokuthi kuyinto ejwayelekile uma kunenhloko entsha yabaqeqeshi.
Ucacisile uMokwena esithangamini nabezindaba eLoftus, ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe inkulumo yakhe yangeledlule ibithinta oMngqithi noKomphela?
“Cha! Azibathinti oMngqithi noKomphela izinguquko ebengikhuluma ngazo ngeledlule. Lokho yinzwabethi ngoba sineme kakhulu ngeqhaza lawo wonke amalungu ethimba labaqeqeshi,” kuchaza uMokwena.
“Ngesikhathi ngikhuluma ngezinguquko bengingadlali ngoba wonke amaqembu omhlaba enza into efanayo (kufanele zilindeleke izinguquko ebhentshini uma kukhona umqeqeshi omusha).
“Ngisola ukuthi indaba yezinguquko ibe nebhadi lokufika lapho kungenzeki lutho khona kunobhutshuzwayo yase yenziwa ihaba isidingo singekho,” kulandisa uMokwena.
“ISundowns ineme ngamagalelo kaMngqithi, Komphela noWindell Robinson (oqeqesha onozinti) nabo bonke abathintekayo ekuqeqeshweni kweqembu. Iqiniso lithi iSundowns iyona ethatha izinqumo ngokuthi ngiyahlala kulesi sikhundla engibeke kusona noma cha.
“Akumina ngedwa kepha kuyafana kithina sonke ngoba iSundowns iyona enkulu kunathi sonke. Akekho kithina oyohlale ekhona emhlabeni kodwa iSundowns, yona iyohlale ikhona.
“Ngabe ngenza iphutha uma ngingacabanga ukuthi ngimkhulu kuneSundowns. Engingakuqhakambisa ukuthi sineme sonke ngokusebenza ndawonye futhi sizimisele ngokusizana ukuthi siwenze ngendlela umsebenzi esinikwe wona yiqembu elikhulu,” kusho uMokwena.
Uncome abadlali bakhe ngokubamba imiyalelo eminingi ehlukene ngesikhathi kunomdlalo weSwallows, awuchaze njengobunzima. Kulo mdlalo iSundowns kuyithathe imizuzu engaphezulu ka-60 ukuthi ithole amagoli ngoba iSwallows ibingabaniki lutho esiwombeni sokquala.
Emdlalweni ozayo iSundowns izovakashela iRichards Bay FC kusasa ngo-7.30 ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.