MANCANE amathuba okuthi iMamelodi Sundowns ingene igxile emakethe yabadlali ngenhloso yokuqinisa isikwati sayo kuleli windi likaJnauwari, ngesikhathi esifanayo, akekho umdlali oseke wangqongqoza emnyango wenhloko yabaqeqeshi, uRulani Mokwena, ecela ukudedelwa kumbe ukubolekiswa.
Lokhu kuvezwe uyena uMokwena ekhuluma nabezindaba kamuva. Ukhombise izimpawu zokuthi leli kungase kube elinye lamawindi okuhwebelana ngabadlali elithule kwiDowns kwazise ngokusho kwakhe, akekho umdlali abamfunayo futhi akekho oseke wacela ukuhamba kuyena.
ISundowns eqhwakele kwi-log yeDStv Premiership ibhubhudla kwasani olubekwa phambi kwayo kulezi zinsuku. Leli qembu selokhu lawela ezandleni zabakwaMotsepe, libatshazwa ngokungesabi ukushaya iphakethe lithenge abadlali uma kuvulwe iwindi.
Lokhu kwenza ligcine selinenqwaba yabadlali abeqophelo nokho abanye abagcina bengasitholi isikimu.
Kusukela kuvele amahlebezi okuthi umgadli ohamba phambili kwiSundowns, uPeter Shalulile, usikaza ukuyofuna amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle, bekubhekwe ukuthi iqinise kubagadli kodwa kubukeka sengathi ngeke kwenzeke lokhu uma kuzoya ngamagama kaMokwena awatshele abezindaba ,muva nje eseThekwini.
“Mayelana nokuhamba kumbe ukufika kwabadlali, akukho engingakusho okwamanje,” kusho lo mqeqeshi sakuqholosha ukuthi baqinisile abaqeqeshi bamaqembu esigaba esikhulu kuleli abathi kunzima ukuvimba iSundowns ngoba ingcono kunawo wonke amaqembu ngokwabadlali.
“Abathi sinabadlali abangcono kunawo wonke umuntu bashaya khona impela. Ngiyavuma akekho osehlulayo ngokohlobo lwabadlali.
“Okumqoka nokho ukucacisa ukuthi akekho umdlali weSundowns oseke wangingqongqozela ezongitshela ukuthi ufuna ukuhamba. Lokhu kukhomba ukuthi bonke abadlali baneme ukuba seqenjini kanti nathi sineme ngabo.
“Uma kungashinsthi lutho konke kuzoqhubeka ngendlela okwenzeka ngayo lapho sonke sisebenza khona ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi konke okweSundowns kusemgqeni,” kuphetha uMokwena.
Nakuba uMokwena ekhuluma kanje, kunabadlali abasemabhukwini eSundowns okusobala ukuthi kufanele bazame engxenye ngoba ijezi balizwa ngendaba.
Nakuba belimele uTerrence Mashego, Mosa Lebusa, Abubeker Nassir noShalulile, kodwa abadlali abafana noBongani Zungu, Erwin Saavedra, Rivaldo Coetzee, Lebohang Maboe, Surprise Ralani, Thabiso Kutumela, Lesedi Kapinga, Reyaad Pieterse, Kenedy Mweene, Brian Mandela Onyango noKeletso Makgalwa kubukeka kuzobanzima ukuthi babonakale esikimini seSundowns kule sizini.