INHLOKO yabaqeqeshi kompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ikhiphe iqiniso ngesizathu sokungabonakali kwesithenjwa, uTebogo Mokoena.
Sekuphele isikhathi esicela enyangeni uMokoena egcine ukubonakala eshaya inguzunga yeshodi bebhekene neMoroka Swallows osekungumlando ukuthi lowo mdlalo waphela ngo 2-2.
Emuva kokushaya leli goli uMokoena ozakhele ugazi kubathandi bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika ngokudlala ibhola elisezingeni eliphezulu kwiBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngoFebhuwari, wakhishwa emdlalweni weSwallows ngoba ekhale ngokudonseka komsipha.
Lokhu kwakuqondane nokuthi iSundowns ibizodlala emibili emqoka kule sizini lapho ibhekane ne-Esperance Sportive de Tunis, yaseTunisia egcine izishaya ezikaMokwena, izikhipha esigabeni sowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
Ngaleso sikhathi uMokwena ubedweba isithombe sokuthi akukubi kangako kuMokoena waze wamncoma ngokukhalipha kwazise lo mdlali uyena owazicelela ukukhishwa koweSwallows.
Ngesikhathi uMokwena ekhuluma nabezindaba kulandela ukucazelana ngamaphuzu neLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu ebusuku, sigcine sivelile isizathu sokongiwa kwalo mdlali.
“Engingakusho ngoTebogo ukuthi indaba yokululama kwakhe ihamba kahle kakhulu ikhona nje ukuthi asifuni ukumfaka engcupheni yomunye umonakalo,” kusho uMokwena.
“Eqinisweni ngabe useyadlala kweminye imidlalo ukube asinawo omqoka wamanqamu weNedbank Cup ne-Orlando (Pirates).
“Uza kahle impela yena ikhona nje ukuthi kwesinye isikhathi kunezinqumo okumele zithathwe ngenhloso yokubeka iqembu phambili,” kusho lo mqeqeshi.
Okucacile ngale nkulumo kaMokwena ukuthi iSundowns ifuna kufike usuku lomdlalo wamanqamu weNedbank nePirates uMokoena ewumqemane ngokuphelele.
ISundowns izozama ukuhlwitha isicoco seNedbank kompetha iBucs ngoJuni 1 eMbombela Stadium, eNelspruit.
Ngaphambi kwalokho kumele idlale emihlanu yeligi ezoyiqala ngoweRoyal AM ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, eLucas Moripe Stadium.