KUVUNGUZA umoya woshintsho kwiMamelodi Sundowns ngemuva kokuqokwa komqeqeshi uRhulani Mokwena obukeka ezimisele ukudlalisa abadlali abayibamba eqenjini leDStv Diski Challenge.
Ngempelasonto edlule emqhudelwaneni iCarling Black Label Cup, uMokwena udlalise abadlali abayisihlanu abadlala kweleDiski eliqeqeshwa yinkakha, uSurprise Moriri. Laba badlali nguSiyanda Nyanga, Ntando Nkosi, Jerome Karelse, Bhongolwethu Siyasi noMpumelelo Nkomo. Ngaphandle kwalaba badlali, kule sizini kwiSundowns kukhulunywa ngoCassius Mailula obedlala kweleDiski ngesizini edlule.
Ukunikwa ithuba kwabadlali abasuka ezinhlakeni yinto ebikade iyivela kancane kwiSundowns. Iningi labo, okukhona kubona uKeagan Allan oseyibamba kwiSwallows, ligcina lifudukela kwamanye amaqembu.
UMokwena uthe ucheme nabadlali abasebancane.
"Umgomo wokuqala weqembu elikhulu wukuwina imidlalo nokubophela isikimu ngaphandle kokuchema ngokuthi umdlali usemncane. Kumele ngibophele isikimu esiqinile ngoba kufanele siwine. Kodwa ngenxa yemumva lami nokuthi ngihlale isikhathi eside ezinhlakeni zokukhulisa abadlali nokusebenza nabadlali abasebancane, ngichemile kancane nabadlali abasebancane.
“Ngisuka khona ekuqeqesheni ezinhlakeni zokukhulisa abadlali. Kukhona umuntu owakholelwa kimina, wanginika ithuba," kusho uMokwena.
Nakuba bekhona abadlali abanyuselwe esikimini esikhulu kodwa isibalo sincane kakhulu uma ubheka ikhono eligcwele enkulisa yeSundowns. Kulaba badlali kukhona uMotjeka Madisha ongasekho, Siphelele Mkhulise noPromise Mkhuma oduve kwiSwallows ngenxa yokuthi idonsa isigwebo esiyivimbela ukubhalisa abadlali.
"Ngibona kuyingxenye yomsebenzi wami, hhayi ukuqeqesha nokusiza abadlali abasebancane kodwa ukuzama noma yikuphi lapho engiya khona ukunika ithuba abadlali abasebancane nokusiza amaqembu abe nekusasa elingcono. Lokhu ngikwenzile noma yikuphi lapho engisebenze khona.
“Ngiyaziqhenya ngalezi zingane. UCassius, Ntando, uPitso (Siphelele Mkhulise) wayengomunye wabadlali bami enkulisa. Kubuhlungu ukuthi uMadisha akasekho kodwa yileyo nhlobo yabadlali. Umsebenzi wokuqala wukuwina nokusiza iqembu libe nekusasa eliqhakazile nokwazi ukuthi kusho ukuthini kubalandeli beSundowns ukubona abadlali babo abasuka phansi benyukela esikimini esikhulu. Lokhu akukuhle kwiSundowns kuphela kodwa ezweni lonke," kusho uMokwena.
Impelasonto edlule yeDiski ilethe izinguquko kwi-log yeDiski Challenge. AmaZulu anyukele esicongweni okokuqala kule sizini emuva kokwehlula iSundowns. Agudluze iCape Town City okuhlehliswe umdlalo wayo neSwallows. AmaZulu asewine imidlalo eyisikhombisa kwengu-10, yaqoqa amaphuzu angu-21. Kuzofanele azishayele iCity emdlalweni wokugcina wonyaka eKapa ngempelasonto, uma efuna ukudla uKhisimusi ehlezi kwelenyoni.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge: TS Galaxy 1-0 Stellenbosch; Golden Arrows 0-2 Orlando Pirates; AmaZulu 2-1 Maritzburg United; SuperSport United 6-1 Sekhukhune United; Marumo Gallants 3-2 Chippa United; Richards Bay 1-3 Royal AM.